ISAKHA ISIZWE FM NE-GIFT OF THE GIVERS BAPHAKELA IMIPHAKATHI
UMSAKAZO womphakathi osakazela eLovu eThekwini, iSakha Isizwe FM nenhlangano engenzi nzuzo, i-Gift of the Givers bahlangene ngomsebenzi wesihle njengoba sekuvulwe ikhishi lapho kuphekelwa khona imiphakathi ehlukahlukene eyakhele lomsakazo. Lo msakazo okhula ngesivinini unombono ocacile wokusiza umphakathi osebenzela kuwo njengoba nesiqubulo sawo sithi Serving The Community.

Isithombe: Umsakazi weSakha Isizwe FM, u-Amandla ‘Stockoh’ Jali ephakela amalungu omphakathi ukudla
Ngempelasonto edlule umphathi womsakazo iSakha Isizwe FM, uNkk. Thandeka Khathi kanye nabasakazi oMlondi Nzimande, Cindy Gumede no-Amanda ‘Stockoh’ Jali bebengabanye bethimba lalo msakazo ebeliphekela amalunga omphakathi ngaphandle kwezindlu zawo lomsakazo.
Ukudla obekuphekelwa umphakathi ngempelasonto ekhishini elavulwa umsakazo, i-rice nobhontshisi kanye nophuthu nesobho ongabheka inyama kulo ngendlela elimnandi ngayo.
Ekhuluma noMKHAYA umphathisiteshi, uNkk. Khathi uthe konke lokhu abebekwenza ngempelasonto kwenziwe kwaba impumelelo i-Gift of the Givers. “I-Gift of the Givers iye isixhase ngokudla bese sikuphekela abantu noma sibacaphunele sibanike”, kusho uNkk. Khathi.
“Okungenze ngabona kunesidingo esikhulu sokusungula leli khishi kungesikhathi amalungu omphakathi esiwakhele njengomsakazo engibhalela ecela ukuba siwasize ngokudla nangezinye izidingo zempilo”, kusho yena.
Ubonge kakhulu i-Gift of the Givers ngokuvula izandla inikele ngokudla kusukela ngonyaka odlule njengoba nabo njengesiteshi somphakathi bethola ithuba lokubuyisela emphakathini obesekayo.
ISakha Isizwe FM itholakala kule-link ethi: https://zeno.fm/radio/sakha-isizwe/