UNOBHALA WEJAJI MBENENGE UTHI WAZAMA UKULIVIMBA UKUMTHUMELA IMIYALEZO EGANGILE
KWEMINYE yemiyalezo ayithumela umphathi wakhe, uNks. Andiswa Mengo uthi kwakungowokumxwayisa ukuthi akayeke ukumthumelela imiyalezo egangile. Lokhu kuvele ngesikhathi kuhleli isigcawu esilalela ukuqulwa kwecala likamengameli wamajaji e-Eastern Cape, ijaji Selby Mbenenge osolwa unobhala wakhe uNks. Mengo, ukuthi wamthumelela umyalezo onesithombe sesitho sakhe sangasese.
UNks. Mengo utshele lesi sigcawu i-Judicial Conduct Tribunal ukuthi kwamcasula kakhulu ukuthi ijaji lingamlaleli futhi limzibe uma elikhuza ukuthi aliyeke elikwenzayo ngoba akakufuni. UMengo ukhombise isigcawu eminye imiyalezo ayeyithunyelelwa ijaji Mbenenge ngenhloso yokumveza ukuthi ungumuntu onjani.
Ngesikhathi ethula ubufakazi bakhe uNks. Mengo esigcawini esiphenya udaba lwezinsolo zakhe uthe ijaji Mbenenge liqale ukumthumelela imiyalezo emfuna ucansi kanye neminye egangile kusukela ngo-2021 kuya ku-2022. Umyalezo wakhe lapho ayevimba khona ijaji ukuthi liyeke ukumthumelela imiyalezo egangile ufundelwe isigcawu, utolika uMnuz. Aubrey Jonase.
“Ngiyacela, angifani nabanye. Ngiyazihlonipha ngakho ngicela ukuba ungihloniphe nje mina ngaphambi kokuthi ngihlanye. Ungenza ngiphelelwe ukukuhlonipha ngalokhu okwenzayo. Umdala nje okokuqala”, kusho umyalezo kaNks. Mengo.
Lokhu kulalelwa kwalolu daba okuqale ngomhlaka-10 Masingana kuyaqhubeka e-Southern Sun Hotel, e-Rosebank eGoli ngehora leshumi (10:00) ekuseni namuhla [ngoLwesibili].