I-947 IQINISA ‘ISIKIMU’ SAYO NGO-DJ FRESH
EMUVA kokumemezela ukuthi ubuyela emsakazweni ngo-2025, sekuvele ukuthi uThato ‘DJ Fresh’ Sikwane ubuyela emsakazweni wakhe omdala i-947 engaphansi kwe-PriMedia. Bese kuphele iminyaka emine u-DJ Fresh engezwakali emsakazweni kokuxoshwa iyo ngo-2019 emuva kokuzwakala kwezinsolo zokudlwengula.
UMKHAYA uthole ukuthi i-947 ihlele ukumfaka ezinhlelweni zayo uma seyihlela kabusha izinhlelo kanye nabasakazi ngoNdasa nonyaka.
Ekhuluma ne-The South African u-DJ Fresh uzwakalise ukujabula ngokubuyela kwakhe emsakazweni. “Emuva kweminyaka emine ngingekho, ngiswele izimpiko ngokubuyela emsakazweni. Kuyangithokozisa ukubuya ngizokwenza into engiyithandayo”, kusho yena.
U-DJ Fresh ongomakadebona emsakazweni uqale ukusakaza esiteshini sentsha i-YFM ngo-1997 lapho ayenza khona uhlelo lwantambama phakathi nezinsuku i-The Fresh Drive. Ugqame kakhulu ngaleso sikhathi ngezwi lakhe elinesisindo kanye nobuchule bokwethula izihloko ezithinta ngqo impilo yabantu abasha. Eminye imisakazo azwakale kuyona i-5FM ne-Metro FM.
Ukubuyela kwakhe emsakazweni i-947 kusho esinye isahluko kule ndima yezokusakaza. Abalandeli bakhe abesebemkhumbule bamagange ukuzwa ukuthi uzobaphathelani emoyeni kulokhu.
Nakuba kungakacaci ukuthi uzokwenza luphi uhlelo kulo msakazo kodwa akungatshazwa ukuthi noma enganikwa luphi uhlelo uzokwenza ubulungiswa ngendlela evutshelwe kabusha.