Imibono

MAKUBE ISIFUNDO OKWENZEKE KU MUSA KHAWULA

KUFANELE kusivule amehlo ukuboshwa kukaMusa Khawula (ongakagwetshwa) ngendlela okufanele siziphathe ngayo uma sisezinkundleni zokuxhumana. UKhawula ongunontandakubukwa nodume kakhulu ngokubhala izinto ezilulaza abanye abantu, ikakhulukazi labo abadumile uzithole etholoza esitokisini ngemuva kokubekwa amacala okubhala izinkulumo ezilulazayo ngabanye.

Kufanele siqonde ukuthi kuyicala elibomvu ukubhala into elulazayo ngomunye umuntu futhi ukwenza njalo kungakwenza ugcine usezikhindini. Lokhu kufanele kube yisifundo nakwabanye abathandayo ukuvele babhale izinkulumo ezilumelayo kulezi zinkundla. Sekukaningi ngihlangana nabantu abavele bathuke inhlamba kulezi zinkundla ikakhulukazi ku-Facebook. Engike ngizibuze kona ukuthi ngabe labo bantu yini esuke ibahlula ukuvele bathule uma bengazi ukuthi yini abangayikhuluma eyakhayo uma umuntu ebhale into abangahambisani nayo.

Kubalulekile ukuba abantu baqonde ukuthi kufanele baziphathe kanjani ezinkundleni zokuxhumana. Lezi zinkundla zidalelwe ukuba abantu bakhe ubudlelwane obuhle baphinde bakhangise ngamabizinisi noma ngamakhono abo.

Muva nje sekukaningi sibona abantu bekhuluma izinto ezilulaza abanye kuzona lezi zinkundla. Lona umkhuba obuthandwa kakhulu osaziwayo obubathola begxibhana khona lapha kubuka izwe lonke. Lo mkhuba ubukeke wanda ngenxa yokuthi nabezomthetho akukho okutheni abebekwenza ukuwunqanda. Okube yimbangela yalokhu ukuthi iningi labantu belingafundisekile futhi belingazi ngomthetho obizwa ngokuthi i-cyber crimes act 19 of 2020 okungumthetho obekelwe ukushushisa labo ababhala imibhalo elulaza abanye.

Baningi abantu abazozithola beboshwa njengaye uKhawula ngenxa yakho ukuba budedengu uma bekhuluma kuzo izinkundla zokuxhumana. Abanye hhayi ngoba bengazi kodwa benza ngamabomu ngoba umuntu usuke ezitshela ukuthi akukho okungenzeka kuye.

Okubalulekile ukuba wena njengomthandi walezi zinkundla wazi amalungelo akho uphinde uqonde nezibophezelo ezihamba nalawo malungelo. Kubalulekile ukuba sihloniphane futhi siphendulane ngendlela enenhlonipho yize noma singaboni ngaso linye kulokho okusuke kukhulunywa ngakho. Qonda futhi ukuthi akekho umuntu onelungelo lokukhuluma kabi noma athuke omunye ezinkundleni zokuxhumana ngoba lokho kuyicala.

Akudingi ukuthi kuze kungenelele umthetho ukuze abantu bafunde ukuhloniphana uma kukhona abaphikisana ngakho.

*Sandile Khumalo ungumbhali wezincwadi zesiNguni, intatheli ezimele futhi wenza izifundo zobuntatheli e-Wits University. Ungaxhumana naye kuleli kheli le-email elithi: sandile.khumalo@macmillaneducation.co.za

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.