EZISEMATHENIIzindaba

KUNUKA SANTUNGWANA ENDLUNKULU KAZULU

NGOMGQIBELO kulalwe ngezindaba ezithuse abaningi kuvela ukuthi ISilo uMisuzulu KaZwelithini sesimise emsebenzini uMntwana uSimphiwe Zulu ebesimsola ngobudedengu ekwenzeni umsebenzi ngendlela njengomkhulumeli waso nokuholele ekutheni abezindaba bagcine sebebhala izindaba ezingaphelele ngoba bengalutholi uhlangothi lwaseNdlunkulu nokugodla ulwazi olubalulekile aluthola emihlanganweni lapho uMntwana emele khona iSilo.

UMntwana uSimphiwe ubelokhu eyisethenjwa seNgonyama kusukela ngesikhathi ithatha isihlalo sobukhosi ngoNhlaba 2021. Kuvela lezi zindaba nje ISilo sisanda kudiliza uMfu. Thulasizwe Buthelezi njengondunankulu waso ngencwadi eyabhalwa uye uMntwana uSimphiwe. UMfu. Buthelezi ubuye abe ngumphathiswa womnyango wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu KwaZulu-Natali.

AWUSEKHO UMSHADO KAMAMYENI

Kuthe kusenjalo ngeSonto kwezwakala ukuthi ISilo samaZulu, uMisuzulu KaZwelithini sesinqume ukuvele siwumise umshado waso nobezoba undlunkulu wesithathu, uNomzamo Masesi Myeni waseJozini obuzoba mhlaka-26 Masingana 2025. Lo mshado ubuvele ubhekene nezinselelo zomthetho njengoba undlunkulu wokuqala, uNtokozo Mayisela efake amaphepha e-Pietermaritzburg High Court ngenhloso yokuwuchitha. Udaba olufakwe ukaMayisela luzolalelwa ngoMsombuluko ekuseni khona eMgungundlovu.

UMKHAYA uthole ukuthi ISilo sesibhalele umqondisi jikelele kuhulumeni waKwaZulu-Natali, uDkt. Nonhlanhla Mkhize simazisa ukuthi akahoxise uhlelo lwezokuphepha neminye imihlomulo ebizohlinzekwa uMaMyeni. Ingonyama iyalele ukuba lokhu kwenzeke namuhla [ngeSonto] lingakashayi ihora leshumi nanye (11:00) ekuseni futhi saziswe mase kuqediwe.

Oyisazi sezamasiko, uSolwazi Musa Xulu ekhuluma ezikweni lezindaba i-Newzroom Afrika uthe ukuhoxiswa kwezinhlelo zezokuphepha kukaMaMyeni kungadalwa ukuthi akakabi undlunkulu ngokusemthethweni njengoba kusenemicilikisho yesintu engaphelelisiwe kuyena. Uqhubeke wathi kungenzeke maduze ISilo simemezele abeluleki baso abasha.

Odabeni lukandlunkulu uMayisela, uSolwazi uXulu uthe imizamo yakhe yokumisa umshado imenza aqhubeke nokuba undlunkulu ophelele weSilo futhi umshado wakhe usamile kuze kupheleliswe imicilikishi yokwehlukanisa.

Nokho abantu ezinkundleni zokuxhumana sebezwakalise ukungeni ngezimemezelo ezenziwa endlunkulu muva nje, abanye bezwakalisa ukuthi kukhona okukhulu okwenzakalyo kodwa abangakwazi bona. Kanti kunenkulumo ekhulunyelwa emakhoneni ethi kungenzeka ukuthi ISilo simisa umshado nje hleze kube ukuvela kwamahlebezi engane yentombazane kaMaMyeni okuthiwa ayikaze ibonakale selokhu kwalotsholwa unina noma kusengenzeka ukuthi ugwema ihlazo ngecala elifakwe undlunkulu uKaMayisela elizolalelwa enkantolo eMgungundlovu ngoMsombuluko.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.