UMENGAMELI WAMAJAJI UPHIKA ELOKUTHUMELA UNOBHALA WAKHE ISITHOMBE SE P*P*
LIYAQHUBEKA phambi kwesigcawu esiqula amacala abezobulungiswa i-Judicial Conduct Tribunal icala elibhekene nomengameli wamajaji e-Eastern Cape, ijaji Selby Mbenenge obhekene necala lokungaziphathi ngendlela eyamukelekile emuva kokuthumela unobhala wakhe umyalezo onesithombe sep*p* lakhe. U-Andiswa Mengo utshele lesi sigcawu esiholwa obengumengameli wamajaji eGauteng, ijaji Bernard Ngoepe ukuthi wayezitshela ukuthi ijaji uMbenenge uyamkhulisa, nokho uthe lo myalezo awuthunyelwa umphathi wakhe wawubona umenza owesifazane ojavazekile.
Lesi sithombe okukhulunywa ngaso, esesacishwa lapho kugcinwa khona izithombe kumakhalekhukhwini, sathunyelwa ngomhlaka-21 Nhlangulana 2021. UMbenenge oyijaji lokuqala elingase libhekane nokuxoshwa ngezinsolo zocansi uyaphika ukuthi wathumela lesi sithombe.
UMengo utshele isigcawu ukuthi esithombeni kwakuvela isitho sangasese sejaji sinezinza ezifana nse nezinwele zalo ezimpunga ezisekhanda. Wengeza ngokuthi kwakubukeka sengathi isithombe sithetshulwe endlini yangasese, nobuso bungabonakali esithombeni.
Uthe emizuzwini embalwa uMbenenge eqeda kuthumela isithombe sep*p* wabuye wathumela umyalezo othi “BJ=?”. Utshele ohola ubufakazi, uSalome Scweppers ukuthi akawuphendulanga lomyalezo awutolika ngokuthi uchaza i-blow job (ukumunca isitho sangasese).
Uthe emuva kwalemiyalezo ijaji Mbenenge labuye lamthumela omunye umyalezo owawuthi angakhohlwa ukucisha le ngxoxo yabo. Nokho kwakungesikhona okokuqala esho njalo uma bekade bexoxa, nokuyinto eyaqala ngoNhlangulana kuya kuLwezi 2021 ukuthi amcele acishe izingxoxo zabo.
UMengo uthe yize athola lemiyalezo kuMbenenge kodwa akazange asibone isidingo sokukhathazeka. Wayigcina imiyalezo nama-sticker ayewathola kuMbenenge kodwa isithombe okukhulunywa ngaso asibonwa nangokhalo.
Bese kuwusuku lwesithathu uMengo oneminyaka engamashumi amathathu nesikhombisa (37) efakaza kulesi sigcawu.
Eqhubeka enza izethulo zakho utshele isigcawu ukuthi ngomhlaka-16 Nhlangulana, okwakuyiholidi wathola uxhaxha lwemiyalezo ka-Whatsapp ivela kuMbenenge. Kweminye yalemiyalezo kwakungeyocansi futhi ihambisana nomyalezo owawuthi akakhethe isitayela asithandayo. Lemiyalezo yathunyelwa emuva kokuthi uMbenenge ecele uMengo ukuthi amthumelele isithombe sakhe, nathi kwamcasula lokho futhi wangasithumela.
Nokho mahlayeni wabe esesifaka isithombe sakhe ku-status nokuyilapho uMbenenge aphawula khona emncoma.
Kuthe ngomhlaka-21 Nhlangulana 2021 ngabo-06:00 uMengo wathumela uMbenenge umyalezo emfisela usuku oluhle lobaba njengoba kwakuwusuku lobaba. Uthe mayebuzwa umholi wobufakazi ukuthi wayekwenzelani lokhu wathi ingoba kwakuwusuku lobaba futhi umyalezo wawuthumela nakwabanye ozakwabo abangobaba. Ngokwamaphepha obufakazi asenkantolo kuvela ukuthi uMbenenge wabonga ngokuthobeka kulo myalezo. Uthe ngenxa yamandla ayekhona phakathi kwakhe nejaji uMbenenge wayesaba ukuthi angalahlekelwa umsebenzi ngakho wayengazinaki izinto ezazenziwa ijaji futhi ekugwema okwakungadonsa amehlo abantu.
Kulesi sigcawu uMbenenge umelwe inkakha yommeli, u-Adv. Muzi Sikhakhane kanti isigcawu sitshelwe ukuthi kusazobizwa ijaji Raymond Zondo ukuba lizofakaza ohlangothini lukaMbenenge.
Lesi sigcawu ebesihleli ngoLwesithathu siyaqhubeka ngoLwesine.