EZISEMATHENIIzindaba

ABANEME NGOKUPHAWULA KUKA MQADI WE MAX’S LIFESTYLE

ABANTU ezinkundleni zokuxhumana sebezwakalise izimvo ezingefani ngokuphawula kuka-Max Mqadi ongumnikazi wendawo yobumnandi eseMlazi ngaphansi kukamasipala waseThekwini, i-Max’s Lifestyle. Kune-video evela iziqeshana lapho u-Max evela ekakwe abadlali beqembu lebhola i-Golden Arrows, nezintokazi ezintathu kanye nendodakazi yakhe.

Kule-video u-Max uzwakala ekhuluma ngombono abe nawo ngokusungula lendawo yakhe esidume umhlaba wonke futhi ehanjelwa abantu abasezingeni eliphezulu okuhlanganisa osopolitiki, osaziwayo kanye neziqumama.

Ephawula u-Max uthe le ndawo wayefuna ihluke kunezinye ezikhona eduze kwayo. Wayenombono wokudoba amakhasimende angomacaphuna kusale kanye neminyango kahulumeni. “Ithi ngikutshele uzwe kahle, i-Max’s Lifestyle ayincintisani nosomabhizinisi eyakhelene nabo. Umbono wami ngesikhathi ngakha lendawo ngangiyakhela abantu bezinkampani kanye nohulumeni”, kusho u-Max.

“Ngiyazi ukuthi abantu kuhamba behambe baphelelwe imali, mina bengifuna kuthiwe kufike inkampani yakhipha u-R160 000 ngabantu abangamakhulu ayisithupha (600).

Ubalule izinto ezithokozelwa abantu abahambela indawo yakhe amanye amabhizinisi angenazo. Ubuye wenza isibonelo ngendawo ebizwa nge-Exit ukuthi ayisiyona imbangi yakhe njengoba abantu befika notshwala kwabo kuyona begwazwe.

Le ndawo iqale yakhiwa yaba i-butchery encane futhi kuneshisanyama endlini enegumbi elilodwa ngeminyaka yo-2000. Ngokuhamba kwesikhathi ikhule kangangokuthi kuthe ngo-2016 yabalwa nezindawo ezingamakhulu amabili nesikhombisa (207) zokudla ezihamba phambili emhlabeni.

Isithombe: I-Max’s Lifestyle iqale iyi-butchery encane yagcina isiyindawo ewubukhazikhazi

Uma usungaphakathi e-Max’s Lifestyle kuningi okutholayo njengoba kunezindawo ezihlukene zokudla ukudla okuhlukene, izindawo zokuphuza nezokuzijuxuza, indawo yokuhlanza izimoto nokunye okuningi okukugcina uthokozile.

Noma u-Max ekhulume ngendlela engehli kahle kwabaningi kodwa uyabuyisela emphakathini njengoba enohlelo lokumukelisa kubantu abangomakhelwane bale ndawo abangathathi ndawo ngamaqatha enyama namathambo okuwukudla okuthandwayo emalokishini.

Phakathi kwabantu abagxeke inkulumo ka-Max kukhona okhale ngesibhicongo sokubhidlika kwelinye lamabhilidi okwakunabantu ababezijuxuza kulo ethi labo bantu kwakuyibo laba umnikazi walendawo athi akayakhelanga bona.

Isithombe: Lapha kungesikhathi kubhidlika ibhilidi elalinabantu ababezijuxuza e-Max’s Lifestyle eminyakeni edlule.

Yize abantu abaningi bemgxekile ngokuphawula abatokulike njengokuziphakamisa kodwa abanye bebemeseka futhi bezwakalisa ukuwuqonda umbono wakhe ngale ndawo ewubukhazikhazi obungavamile elokishini. Muva nje isanda kuba nomcimbi i-4th Annual All White Party ohanjelwe osaziwayo nabaculi abehlukene okuhlanganisa noSomizi Mhlongo ongunontandakubukwa nomdansi wakuleli ongaconsi phansi.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.