USAZOTHOLOZA ESITOKISINI UMUSA KHAWULA OBOSHELWE UKUHLAMBALAZA
UNQATSHELWE i-bail inkantolo i-Alexandra Magistrate’s Court eGoli unontandakubukwa wakuleli, uMusa Khawula (32) oboshwe e-Dundee, KwaZulu-Natali ngokuphula umthetho oyisigaba 13 we-cybercrimes and crimen injuria ophathelene nokuziphatha kwezokuxhumana. Uboshwa nje bese kusaphele izinyanga ezimbili vo ephumile ejele ngecala elifanayo.
UMusa Khawula uzithola esekolunye ubishi nje, ubhale ekhasini lakhe ezinkundleni zokuxhumana ngomhlaka-11 no-12 Mfumfu 2024 esola usomabhizinisi uZee Nxumalo (44) ngokushendeza nobesethimbeni le-Real Housewives of Johannesburg uLebo Mokoena.
Ngokusho kukaZee izinsolo zikaMusa zinenhloso yokudicilela phansi ibhizinisi lakhe futhi ziphazanise nobudlelwane bakhe nomkakhe, obezithwele ngesikhathi zivela.
NgoLwesibili inkantolo imnqabele i-bail uMusa emuva kokuzwa ukuthi kunecala alihambayo lokubulala elenzeke e-Free State ngo-2022 kanye nelinye lokushayela budedengu. Okunye okushayele isipikili sokugcina emizameni yakhe yokuthola i-bail ukuthi umphenyi wecala abevele ngalo enkantolo ngoLwesibili, uSergeant (Sgt) Mabunda uveze ukuthi kusamele kuqinisekiswe ikheli lendawo ahlala kuyo kanye nemininingwane yakhe.

Isithombe: Umbiko we-National Prosecuting Authority obubhekiswe kwabezindaba uqinisekisa ukunqatshelwa kukaMusa Khawula i-bail
Uzohlala esitokisini aze avele enkantolo futhi ngomhlaka-21 Masingana 2025 lapho ezobe eseyofaka khona isicelo se-bail ngokusemthethweni.