BAKHALA NGAMAPHOYISA OSOMATEKISI ABEBEBHIKISHELA UMGWAQO EMACAMBINI
ISIMO besimanzonzo ngoLwesithathu ekuseni endaweni yaseMacambini ngaphansi kukamasipala waseMandeni ngesikhathi amaphoyisa edubula ngezinhlamvu zenjoloba futhi esebenzisa isisi esikhalisa unyembezi kosomatekisi abebebhikishela ukungalungiswa komgwaqo u-P709. Lo mgwaqo oyibhuqu osendaweni engaphansi kweNkosi uMthokozisi Mathaba uchezuka ku-R102 uhambe uyodlula ngaphezu komqwaqo owuthelawayeka u-N2 ubheke eWangu.
Abantu bakuleya ndawo bathe belala ngoLwesibili bese bezwile ukuthi kuzoba nokuphazamiseka kwezithuthi zomphakathi njengoba bese isabalele imibiko ezinkundleni zokuxhumana.
Umthombo ongusomatekisi okhulume noMkhaya uthe sebekhathele ukulinda umnyama ongenafu ngendaba yalomgwaqo osekuphele iminyaka ungalungiswa. “Satshelwa ukuthi imali isifakiwe inkampani ebhekele ukuphathwa kwengqalasizinda yemigwaqo, i-SANRAL kodwa kuze kube manje akukho okunyakazayo ngawo”, kusho umthombo.
Ukhale ngokuthi bathenga amatekisi nezimoto ezibizayo ezigcina zikhahlanyezwa ilo mgwaqo onemisele. Uthe esikhundleni sokuthi amaphoyisa abalandele abantu abazolalela izikhalo zabo wona abone kukuhle ukuba abadubule.
Omunye obekhona kulo mbhikisho uthe esikhundleni sokuhamba isikhathi esiyimizuzu eyishumi nanhlanu kulo mgwaqo ugcina sewuhamba ihora lonke.
UMKHAYA uthole ukuthi udaba lokulungiswa kwalo mgwaqo lwaqala ukukhulunywa kusenguMnuz. Sbu Ndebele umphathiswa womnyango wezokuthutha KwaZulu-Natali njengoba kuze kube manje kungekho okwenziwayo ngawo.
Lesi siteleka siphazamise abafundi nothisha bezikole ezikulendawo abathembele kuwona lamatekisi ukuya ezikoleni njengoba bekuvulwa izikole namuhla. Ezinye izakhiwo ezibalulekile okusetshenziswa lomgwaqo uma kuyiwa kuzo inkantolo yenkosi, umtholampilo kanye nesikhungo somnyango wezempilo sokuqeqesha kanye nokugcina imithi nemishanguzo.