Imibono

IMPILO IYAQHUBEKA

KUYIQINISO ukuthi sonke sidalwe ngenhloso futhi uJehova uyasithanda. Ake ucabange umdlali webhola oshaye igoli ngakubo emdlalweni wamanqamu ngomzuzu wokugcina? Uthini ngalowo ogeje i-penalty obekuyiyona ezowinisa iqembu lakhe? Uma ucabanga uye azizwe kanjani emva kwaleso sigameko? Yebo kuba buhlungu ngoba usuke ebukeka njengomuntu olenzele phansi iqembu. Naye uyazisola. Abanye bayamgxeka bemjaje. Kusuke kungeyona inhloso yakhe ukwehluleka. Kodwa ke uma sekwenzekile kwenzekile. Futhi akusho ukuthi usezoyeka ukudlala ibhola. Akayeki ukuziqeqesha azibandakanye neqembu. Uyaqhubeka adlale azimisele ukwenza ngcono emidlalweni elandelayo.

Lokhu kusifundisa ukuthi impilo iyaqhubeka. Empilweni ziyafika izikhathi ezimnandi zedlule, kufike ezimbi nazo zedlule.
Izikhathi ezinzima ziyasiqinisa futhi ziyasifundisa. Ukwehluleka kuletha umuzwa obuhlungu. Akekho osebenzela okanye ofisa ukwehluleka kunoma yini asuke eyenza. Kuyiqiniso ukuthi ukwehluleka kuyinxenye yempilo.

Empilweni yami sengehluleke izikhathi eziningi kepha angivumeli ukwehluleka kumise impilo yami. Ukwehluleka kwenzeka kunoma ngabe ubani ngisho nakubantu abacebile nabadumileyo.
Umehluko kithi sonke ukuthi uma kade wenza into wehluleka uye wenzenjani?

Osukwini lwayizolo kuphume imiphumela kamatikuletsheni. Kukhona abafundi abaphumelele kanti futhi abanye kabaphumelelanga.
Siyababongela abaphumelele bese kuthi labo abangaphumelelanga ngithi kubo impilo ayipheli lapho. Impilo iyaqhubeka. Kuzolunga ngokuzayo. Into ebalulekile ukwemukela bese ucabanga isinyathelo esilandelayo.

Mfundi ongaphumelelanga kulonyaka, akuqali ngawe futhi akugcini ngawe. Impilo kumele iqhubeke. Vuka uzithathe. Kubuhlungu yebo kepha nguwe ozazi kancono. Sekumele ucabange ngesinyathelo esilandelayo. Kungaba ukubuyela esikoleni, ukubhala izifundo ezikwehlulile okanye ukuyofundela ikhono elithize noma okunye okuzokuyisa phambili.

Izikhathi ezinzima ziyafika kunoma ngubani. Kukhona okade emukela incwadi yokuxoshwa emsebenzini namuhla. Kungenzeka kukhona okade eyovivinywa kwezokushayela wafike wehluleka. Omunye kade ethola imiphumela yesifo angeke akwazi ukuselapha. Omunye waliwe ngumuntu abemthanda. Ngalokho ngiveza ukuthi ziningi izinselelo esibhekana nazo singabantu. Okubalulekile ukuthi umuntu amukele isimo, acabange izinyathelo ezilandelayo bese enza kancono ngokuzayo.
Inqobo nje uma isimo obhekene naso singadlulanga nomphefumulo wakho lisekhona ithuba lokwenza ushintsho empilweni yakho.

Ukwehluleka kuyoba umlando oyowuxoxa ngelinye ilanga. IsiZulu sithi “akulahlwa mbeleko ngakufelwa”. Lokhu kusho ukuthi noma ngabe yini ekulahlekele akusho ukuthi ngeke uphinde uthole okunye okuyokujabulisa.
Akusho ukuthi ngoba lokhu obuthembe ukuthi uzokuthola wangabe usakuthola sekuphelile ngawe. Ukwehluleka kumele sikuthathe njengengxenye yempilo.

Kunoma ngabe ubani obhekene nezinselelo namuhla, ohlukumezekile, olahlekelwe ngifisa ukuthi sengathi uJehova engaba nawe. Ungalilahli ithemba. Kukhona okuhle okusengavela kuwe. Omdala wezinsuku ukhona futhi uyabona. Uzokwenzela iqiniso. Methembe zikhathi zonke.

Kuze kube ngokuzayo.
Boni Mahlinza

*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomluleki wempilo

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.