EZEMFUNDOIzindaba

IMEYA YOMKHANDLU WASEMANDENI IHOLE ITHIMBA EBELIBUNGAZA IMIPHUMELA EMIHLE KAMATIKULETSHENI

NGOLWESIBILI imeya yomkhandlu waseMandeni, ikhansela uMnuz. Thabani Mdlalose, uhole ithimba ebelifolose ngephini lakhe ikhansela uMnuz. Bhekithemba Magwaza, uSomlomo womkhandlu ikhansela uNks. Phindile Sishi kanye namakhansela ezigceme ezahlukene emlenzeni wokuqala womjikelezo wokubungaza usuku lokuphuma kwemiphumela ka matikuletsheni ka-2024.

Phakathi kwezikole ezivakashelwe singabala iMpoqabulungu High School, lapho umfundi uLuthando Mbatha ethole khona o-Distinction abangu-7. Leli thimba liphinde lavakashela isikole iKwaVusumuzi High School lapho umfundi uMisokuhle Mgwaba ethole khona o-Distinction abangu 7 Kanye no-B kwesisodwa.

EMandeni bane (4) abafundi abathole o-Distinction abangu-7. Abanye abafundi nguZiyanda Ndlovu obefunda eTugela Secondary kanye noSinethemba Khumalo obefunda e-Inkosi KW Mathaba High School ebiyaziwa ngeSinyabusi Secondary ngaphambilini.

Njengengxenye yalomjikelezo, kuvakashelwe nesikole iNkwenkwezi High School, lesi sikole isona esihambe phambili ngokuphasisa ngo-99.93% wabafundi, uyedwa umfundi ongaphumelelanga kulabo abangu-50 abebebhalisele izivivinyo zabo zokuphela konyaka. Lo mfundi akabhalanga ngenxa yesimo sempilo esingekho sihle, uMnuz. Mdlalose umuphe isipho somyalezo ka dolo-qina waphinde wamfisela ukululama ngokushesha.

Khonamanjalo, imeya waseMandeni, ikhansela uMnuz. Thabani Mdlalose udlulise amazwi okubonga kothisha, abafundi kanye nabazali bezingane eziphumelele.

“Le miphumela emihle kangaka iwubufakazi bokubambisana phakathi kwabazali nothisha kanye nokuzimisela kwabafundi. Siyabahalalisela bonke abaphumelele, beqhubeke ngokwenza kahle kanye nokuziphatha ngendlela efanele nasezikhungweni zemfundo ephakeme”

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.