BAWOTHA UBOMVU NGO-NADIA NAKAI OBEPOTOZA U-CASSPER KUBUKA UMKAKHE
ABANTU ezinkundleni zokuxhumana sebeveze ukucikeka kwabo ngendlela umculi, uNadia Nakai abezihuqa ngayo kumculi we-Hiphop, uRefiloe Phoolo odume ngelika Cassper Nyovest futhi lokhu ekwenza phambi kukankosikazi wakhe kwenye yezindawo zokuzijuxuza edumile eGoli.
Lo msindo ususwe ukubonakala kwe-video lapho uNadia ubelokhu ebonakala enakashele u-Cassper phambi kukankosikazi wakhe, uPulane Mojaki. Abagxeka uNadia bathi bekumele adwebe umugqa, abe nendlela yokuziphatha phambi kukankosikazi ka-Cassper.
Kuzokhumbuleka ukuthi uNadia uke wasebenza isikhathi eside no-Cassper ngaphansi kwenkampani i-Family Tree Records ephethwe u-Cassper. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi uNadia wayilaxaza esejola nom’ rapper u-Kiernan ‘AKA’ Forbes obeyinkukhu nempaka no-Cassper. Ukungazwani kwabo labo sondonzima be-Hiphop bekuyinto eyaziwayo futhi kwenze ukuthandana kukaNadia no-AKA kwaba indabamlonyeni kwezikaqedisizungu.
Emuva kwesikhashana futhi kwabaningi kusekusha ukufa kuka-AKA emqondweni yabo bazithole bebambe ongezansi ngokusondelana kukaNadia no-Cassper.
Kule-video esebesikhuluma ngayo ngenhla uyabonakala umka-Cassper, uPulane ehleli eduze kwalapho obekuhleli khona umyeni wakhe futhi engakunameli ukuziphatha kukaNadia eduze komyeni wakhe.
UNadia ngesikhathi esenandisa ingoma yakhe aziwa ngayo ethi Naa Meaan ubonakala elokhu esondela ku-Cassper ezihuqa kuye futhi emtoboza. Okunenge kakhulu abantu kungesikhathi enza abakuthathe njengokweyisa uPulane ngesikhathi ethi: “Shout out to Pulane in the building“.
Lesi siwombe sokuziphatha kukaNadia nokuhwaqa kukaPulane kube esishubile futhi senza abantu abaningi bahlale behlome amehlo abo kubona isikhathi esiningi.
Abantu abaningi bakhombise ukuzwelana naye uPulane ku-X emuva kokubona le-video. u @hrhbitch uthe: “Le-video uNadia Nakai etoboza u-Cassper Nyovest ebumnandini noPulane ekhona ebuka (ufake amehlo amabili)…ngivele ngafa”.
U @Lelo_Msk uthe: “Kuwukungamhloniphi umka-Cassper lokhu. Kungenzeka ukuthi abantu abamthandi kodwa ekupheleni kosuku u-Cassper wanquma ukushada yena”.
U @ValentineVee_ uthe: “Indlela abenza [u-Cassper] iyona ekhulumayo, kuyaxaka khona futhi njengoba eseshadile kumele abahlalise phansi abangani bakhe abangamantombazane abeke umugqa noma athule angavumeli lutho”.
Njengoba kwaziwa ukuthi abantu abayi nhlanye bengewona amanzi, kukhona abebeseka uNadia ngokuziphatha kwakhe besho khona ukuthi akukhunjulwe ukuthi uNadia no-Cassper kade bevele besebenzisana.
“U-Cass no Nadia bangabajabulisi babantu, uPulane kufanele ahlale ekhaya afunde ukuba umama wasekhaya kunokuthi ahambe eyobuka u-Cassper esebenza”, kusho @Remoratiiile.
UPulane uyisikhulu esiphezulu esibhekele ukuphathwa kwezimali emnyangweni wezobuciko, amasiko, ezemidlalo nezokungcebeleka esifundazweni i-North West kanti ushade no-Cassper ngoMbasa ngonyaka odlule.
Umthombo: sahiphopmag.co.za