Izindaba

AMAKHOSI AFUNA UKUBONA ABELULEKI BESILO NGOKUSHESHA

IYASHUBA indaba yeNgonyama Trust njengoba amakhosi esethathe isinqumo sokusukuma, afune izimpendulo ngomsindo othinta le nhlangano eyengamele umhlaba waKwaZulu ongaphansi kwamakhosi.

NgoLwesine olwedlule eThekwini bekuhlangene amakhosi angosihlalo bezifunda ezehlukene, ukudingida ngale le nhlangano. INkosi uSifiso Shinga, enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu KwaZulu-Natali ibikhona kulo mhlangano.

Umthombo oxoxe nephephandaba lesiZulu ILANGA obukhona kulo mhlangano ulitshele ukuthi amakhosi asola abeluleki beNgonyama ukuthi yibona ‘abayidukisayo’. Kulo mhlangano kuthiwa amakhosi athathe isinqumo sokubhalela ungqongqoshe wezokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya nokuhlelwa kabusha kwemihlaba, uMzwanele Nyhontsho. Ngokusho komthombo amakhosi aphinde athatha nesinqumo sokuyobona iSilo, ukuthola ukuthi selulekwa ngubani.

“Kuyiqiniso besihlangene eThekwini siyodingida ngezindaba ezithinta isikhwama sethu. Umhlaba wamakhosi ngowethu kodwa sizwa kwabezindaba nasezinkundleni zokuxhumana kukhulunywa ngawo.

“Akekho noyedwa ozihluphayo ngokuthi azosibikela ukuthi kwenzenjani,” kusho umthombo waleli phephandaba obukhona kulo mhlangano.

Omunye umthombo, nawo obukhona kulo mhlangano, utshele ILANGA ukuthi okunye okunenga amakhosi yindaba yabeluleki beSilo.

“Sikholwa wukuthi kabaseluleki ngendlela. Yonke le nto eyenzekayo isukela ekutheni abeluleki baso kabawulungele lo msebenzi. Uma ubuka, iSilo sixoshe amalungu ebhodi – lokho kukhomba ukuthi kasinalwazi ngokusebenza kwebhodi.

“Usihlalo webhodi akanawo amandla okuxosha amalungu ebhodi engazange axoxisane nawo. Usihlalo waphucwa amandla ngonyaka ka-1997, abuyiselwa kumalungu ebhodi.

“Kubukeka konke lokhu umeluleki engakwazi, sengathi yena usafunda umthetho omdala,” kusho umthombo.

INkosi uShinga itshele ILANGA ukuthi umhlangano ubukhona, kodwa yathi ngeke idalule ukuthi baxoxe ngani.

Nakuba sekunesikhathi iNgonyama Trust isematheni, umsindo wakamuva uqubuke ngesikhathi iSilo sizama ukuxosha amalungu ebhodi nezikhulu zale nhlangano. Isikhulu esiphezulu sale nhlangano, u-Adv Vela Mgwengwe, sithe lo msindo uyophela mhla wonke amalungu ebhodi aba nolwazi ngokusebenza kwalo.

*Lolu daba siluthathe ezikweni lezindaba elibhala ngesiZulu, Ilanga Newspaper

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.