ABAYITHOLANGA I-BAIL ABASOLWA (2) ABEBEYIZAMA OKWESIBILI KWELIKA-AKA
BAHLULEKE bancama ukushintsha ukucabanga kwenkantolo i-Durban Magistrate’s Court abasolwa ababili abebezama okwesibili ukuthola i-bail ecaleni lokubulawa kuka-Kiernan ‘AKA’ Forbes nomngani wakhe uTebello ‘Tibz’ Motsoane owayengumpheki odumile. U-AKA nomngane wakhe babulawa ngaphandle kwendawo yokudla i-Wish ku-Florida Road eThekwini ngoNhlolanja 2023.
UMziwethemba Gwabeni noLindokuhle Ndimande baqale phansi izethulo zokucela i-bail kabusha bemelwe ummeli wabo uSimphiwe Mlotshwa obegcizelela ingcindezi yesimo sezimali abakuyo bobabili abasolwa esiholele ekutheni imindeni yabo ibhekane nobunzima.
Imantshi ebihlalele leli cala namuhla [ngoLwesine], u-Vincent Hlatshwayo uthe uma elalela izethulo ezenziwe ilaba nabo bonke ubufakazi obubekwe kuye akawaboni amaphuzu amasha kuleli cala. “Uma ubuka ubufakazi obuphelele, nokuyinto etholwe ilenkantolo, lenkantolo ngeke futhi ayikwazi ukusiza abamangalelwa. Izethulo ezenziwe kule nkantolo kuphakathi kokuthi azizintsha noma akufanele zithathelwe phezulu ukuthi zingakhipha abamangalelwa nge-bail”, kusho yena.
Ngesikhathi enza izethulo zakhe uGwabeni uthe isikole sengane yakhe i-St. Benedict’s simbhalele incwadi simazisa ngemali engakhokhiwe engu-R100 000 obekufanele ikhokhwe ngaphambi komhlaka-10 Zibandlela ngonyaka odlule. Uqhubeke wathi usalele ngemuva ekukhokheni imali yesikole kwesinye esifunda enye yezingane zakhe i-Grace Place Primary School egcine ibonana nomeluleki wezengqondo ngoNcwaba 2024 ngenxa yokhwantalala.
Umphenyi wecala u-Kumarisan Pillay uthe lezi zethulo ezibekwayo azizintsha njengoba sezike zenziwa ngesikhathi kufaka isicelo sokuqala se-bail ngoNdasa ngonyaka odlule.
“”Ngizovumelana nomphenyi wecala uma ethi lezi zethulo azizintsha. Ngaphezu kwalokho ummangali uthe uzoyikhokha lemali engaphakathi esitokisini”, kusho uHlatshwayo.
Enza izethulo zakhe uGwabeni ubuye wathi umkakhe ukwe wabonana nodokotela wezengqondo ngenxa yokukhazeka ngokungayitholi kwakhe i-bail.
“Noma ngabe uGwabeni ungaphakathi, umama wengane ungudokotela ogogodile. Angeke kubuzwe nakubuzwa ukuthi ingane inakekelekile yini”, kusho uHlatshwayo.
Imantshi uHlatshwayo ayikwazanga futhi ukuthatha izethulo zikaNdimande njengezintsha. Enza izethulo zakhe uNdimande uthe itekisi yakhe eyenza imali engu-R20 000 ngenyanga ibe sengozini yomgwaqo noma kungabikwanga emaphoyiseni ngoba akekho owalimala.
UHlatshwayo uthe izinkinga zezimali yinto abazenzele yona abasolwa futhi isicelo se-bail asinazo izethulo ezintsha. Icala lihlehlele umhlaka-7 Nhlolanja.