UZAME UKUZIBULALA ESITOKISINI OWAKLINYA INGANE YAFA WATHUMBA NONINA WAYO
OWELISISA oneminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye (29) owaklinya ingane yakhe yafa, wathumba nonina uzame ukuzibulala esitokisini ngosuku obekumele avele ngalo enkantolo eLimpopo. Amaphoyisa athe umsolwa usebenzise ‘into’ esijile wazisika entanyeni.
Utholakale ngoMsombuluko ekuseni esesimeni esibucayi ngaphambi kokuvela enkantolo.
Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo, uVledzani Dathi ukuqinisekisile ukuthi umsolwa uzilimazile futhi uthola ukwelashwa esibhedlela kanti kulindeleke ukuthi aphinde avele enkantolo iThohoyandou Magistrate’s Court ngoLwesibili.
Umsolwa waklinya ingane yakhe eneminyaka eyishumi nane (14) wase ethumba unina wengane owatholakala ngokuhamba kwesikhathi engenamyocu eHa-Mphego ngaphandle kancane kwaseThohoyandou.
Umthombo: SABC News