I-KZN IHAMBELA PHEZULU NGEMIPHUMELA KAMATIKULETSHENI KA-2024 KUZWELONKE
ISIFUNDAZWE saKwaZulu-Natali sihambela phezulu emuva kokumenyezelwa kwemiphumela kamatikuletsheni njengoba silale isibili ngo-89.5% kuzwelonke ngemuva kwe-Free State ezihola phambili ngo-91%. Imiphumela kamatikuletsheni imenyezelwe ngoMsombuluko ebusuku ungqongqoshe wemfundo eyisisekelo, uSiviwe Gwarube eGoli.

Esithombeni kuvela inhloko yomnyango wezemfundo KwaZulu-Natali, uMnuz. Nkosinathi Ngcobo nongqongoshe womnyango, uMnuz. Sipho Hlomuka
Ungqongqoshe uGwarube uncome kakhulu abafundi abebebhala izivivinyo zikamatikuletsheni ngo-2024 ngokukhuphula izinga lokuphasa njengoba likhuphuke ngo-4.4% kuzwelonke uma kuqhathaniswa nelango-2023. Kulokhu izinga lokuphasa kuzwelonke libe ngu-87.3%.
Uma sibheka KwaZulu-Natali ngokwezibalo zemiphumela ka-2024, bangu-84 000 abafundi abaphumelele nge-bachelor, okwenza u-47.8% uma kuhlanganiswa kuzwelonke abafundi abazokwazi ukungena ezikhungweni zemfundo eziphakeme nge-bachelor. Le mpumelelo yesifundazwe saKwaZulu-Natali isibeka ngaphambili kweGauteng, yona ethole o-bachelor abangu-66 000 ne-Eastern Cape ethole abangu-45 000.
Ungqongqoshe Gwarube uncome ukuzimisela kothisha, abafundi nomphakathi wonke. Uphinde wancoma ukuzimelela okukhonjiswe abafundi bakamatikuletsheni bango-2024 abaqale indlela ebheke kumatikuletsheni izwe ligubuzelwe umashayabhuqe i-Covid19.
“Le mpumelelo ayisiwona nje umsebenzi kahulumeni kuphela kodwa umphumela wokusebenza ngokuzikhandla kothisha, abafundi, nomphakathi wonke”, kusho uGwarube.
“Abanye baphoqeleke ukuthi bajwayele ukufunda ngendlela yobuchwepheshe futhi baphikelele yize izinsiza zokufunda bezishoda. Ukufunda ngaphansi kwesimo lapho izimo zokufunda nokufundisa zinzima bekungesiyona into encane. Kodwa nakwazi ukubekezela, nikhombise ukuthi izinselelo aziyona imigoqo kodwa izitebhisi ezibheke empumelelweni”, kusho yena.
Uphinde waphendula ngokukhathazeka ngokushiya phakathi isikole kwabafundi abasuke beqale ibanga lokuqala (Grade 1) kodwa bengafiki ebangeni leshumi nambili (Grade 12). Bangu-1.2 million abafundi abangena ebangeni-1 ngo-2020 abebefunda ngokugcwele kodwa ababhale izivivingo zebanga-12 ngo-2024 babe ngu-740 000 okwenza u-44% wabafundi abangazibhalanga izivivinyo zikamatikuletsheni ngo-2024.
“Lokhu akusho ukuthi laba angabhalanga abashiya phansi isikole kodwa abanye bakhetha ukwenza izifundo zamakhono sebephumelele ibanga lesishiyagalolunye (Grade 9) nokuyinto esohlelweni lwemfundo”, kusho ungqongqoshe uGwarube.
Impumelelo yesifundazwe saKwaZulu-Natali izuzwe ngenxa yokuzikhandla nokusebenza kanzima kwabafundi abafana no-Gift Mlambo, Fanelesibonge Ngema noNqubeko Bekwa abenze kahle kakhulu kulemiphumela. Laba babe ngabanye babafundi abebeyingxenye yesidlo sasekuseni nongqongqoshwe wemfundo eyisisekelo eMTN Innovation Centre eGoli.
U-Gift Mlambo obefunda eMandla Mthethwa School of Excellence kwisifunda saseMkhanyakude uthe ubevele ekulindele ukuthi uzokwenza kahle. “Bengikulindele ukwenza kahle kodwa ngisashaqekile ukuthi ngifike ezingeni lokubizelwa kuzwelonke”, kusho u-Gift.
Uthe ngomhlaka-9 Masingana wafonelwa uthishanhloko wesikole abefunda kusona emazisa ukuthi uzothola ucingo oluvela kumsebenzi womnyango wemfundo eyisisekelo. “Nebala wangifonela umsebenzi womnyango futhi ngashaqeqa kakhulu. Abazali bami basashaqekile kakhulu”, kusho yena
Uthe usebenze kanzima ukuthi azuze le mpumelelo. “Uma ufuna into kufanele kube khona izinto oziyekayo, usebenze kanzima, uxhumane nothisha futhi ubuze imibuzo lapho odinga khona usizo. Ngaphezu kwalokho kudingeka ukuthi uthandaze, ngoba sonke siyawudinga umthandazo”, kuchaza u-Gift othe ufuna ukufundela i-actuarial sciences.
NoFanelesibonge Ngema obefunda eVukile High School ngaphansi kwesifunda iLembe uthe ushaqekile ukuthi enziwa ingxenye yabafundi abaphakanyiswe kuzwelonke njengabaphumelele ngamalengiso. “Ngesikhathi ngithola ucingo ngoLwesine olwedlule angikholwanga. Ngangizitshela ukuthi hlampe bathole umuntu okungesiye. Ngaqala ukukholwa ngesikhathi sebengithumelela ithikithi lebhanoyi ngoMgqibelo ntambama. Abazali bami bajabule kakhulu futhi ngathi bajabule ngaphezu kwami”, kusho yena.
UFanelesibonge uthe angathanda ukuyofunda e-University of Cape Town.
Omunye umfundi owenze kakhle KwaZulu-Natali, uNqubeko Bekwa obefunda Emzameni High School esifundeni uMgungundlovu othe angakuthokozela ukufundela i-actuarial sciences noma i-nuclear engineering. Uthe kumthokozise ukuba ingxenye yabafundi abebebungazwa kuzwelonke.