KUBANJWE INQWABA YABAKOPELILE KUMATIKULETSHENI E-KZN NASEMPUMALANGA
NJENGOBA amakhulu ngamakhulu abafundi nabazali bemincile ngemiphumela kamatikuletsheni elindelwe kusihlwa sekuvele ukuthi ezifundazweni ezimbili iKwaZulu-Natali neMpumalanga kubanjwe inqwaba yabafundi abebekopela. Ngokombiko okhishwe isikhulu esiphezulu kuMalusi, uDkt. Mafu Rakometsi kuvele ukuthi KwaZulu-Natali kubikwe izehlakalo zokukopela eziyikhulu namashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu (195) kwase kuthi eMpumalanga zaba amashumi ayisikhombisa nane (74).
URamoketsi uthe bangamakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu (365) abafundi abavela emakolishi azimele abebenza u-N2 ababanjwe bekopela. Uthe nakuba lesi sibalo sehle kusuka emakhulwini ayisishiyagalolunye namashumi amane nanhlanu (945) saya emakhulwini amane nesikhombisa (407), kusakhathaza ukuthi lokhu kusaqhubeka.
URamoketsi uthe ukhathazekile ngezifundazwe i-KZN neMpumalanga sezitholakale kulezi zigameko zokukopela iminyaka emibili ilandelana.
“KwaZulu kubanjwe abangu-195 abebekpela kwathi eMpumalanga kwabanjwa abangu-74. Ngifuna ukucacisa ukuthi ukukopela akunamvuzo”, kusho uRamoketsi.
Babe isigidi esisodwa namashumi ayisithupha namakhulu angamashumi ayisishiyagalombili namashumi amahlanu nambili (1 060 852) abafundi ababhale izivivinyo zikamatikuletsheni ngonyaka odlule, phakathi kwalaba bangu-78.5% abebenza i-national senior certificate.
Okunye akhale ngakho uRamoketsi ukubhaliswa izivivinyo kwabafundi ngamakolishi angabhalisile ngaphansi komnyango. Uthe yize kunalezi zinkinga nezinye kodwa uyathokoza ukuthi izivivinyo zango-2024 aziphazanyiswangwa inkinga yokuhamba kukagesi, isimo sezulu nezinye izigameko zemibhikisho yomphakathi. Futhi akuzange kubikwe izigameko zokuputshuka kwamaphepha ezivivinyo ngoba lokho bekuzoxakazis ubuqotho balo lonke uhlelo lwezivivinyo.