Imibono

IZINKAMPANI ZOKUGEMBULA MAZIPHOQWE UKUFUNDISA NGOBUNGOZI BOKUGEMBULA

IZINKAMPANI zokugembula maziphoqwe ukufundisa ngobungozi bokugembula futhi kufanele zidlale indima enkulu ekufundiseni amakhasimende azo ngobungozi bokugembula. Sihlale sizwa izindaba ezishaqisayo zabantu abadla imali ngokungazicabangeli ngenxa yokuba yimilutha yokugembula. Baningi asebedlelwe imizi, izimoto kanye nezinye izinto ezibalulekile kubo ngenxa yakho ukugembula.

Ukukhuphuka ngamaphesenti angamashumi amane (40) kwabantu abagembulayo kuleli kukhombisa ngokusobala ukuthi iningi labantu bakuleli sebeyimilutha yokugembula. Lokhu akuthusi uma ucabanga indlela izinkampani zokugembula ezizikhangisa ngayo kubantu. Izikhangiso zihlale ziveza ubukhazikhazi umuntu angazithola ekubo uma engawina kodwa azibe zisabuveza ubungozi bokuzithola usuthembele ekugembuleni.

Okunye okwenza lesi sibalo sikhule ukuthi sekulula ukugembula, akusafani nakudala lapho umuntu kwakufanele aye esikhungweni esithile ukuze agembule. Ukufika kobuchwepheshe sekwenze kwaba lula ukuba abantu bagembule besemakhaya abo, besebenzisa amaselula kanye neminye imishini yobuchwepheshe.

Yize kuqala kukuhle futhi kumnandi, ukugembula kuyingozi kuthi kuyafana ncamashi nomdlavuza okudla kancane kancane unganakile. Sekukaningi ngizwa abantu bekhuluma ngokuthi eqala ukugembula wawina izizumbulu zemali kodwa futhi wagcina ezibuyiselile. Akugcini lapho ugcina esekhiphe ephaketheni ukuze azame ukubuyisa le mali abeseyibuyisele.

Iphelile imindeni ngenxa yokugembula. Kunabantu abahamba beyothenga igrosa babuye bengaphethe lutho ngenxa yakho njalo ukugembula. Imishado ichithekile ngenxa yezimfihlo ezihambisana nakho ukugembula lapho uthola ukuthi abasebudlelwaneni bayafihlelana ngale nkinga. Konke njalo lokhu lezi zinkampani azikuvezi futhi azikhulumi ngakho.

Angiyiphathi-ke eyezalukazi ezivele zithathe impesheni yokugcina ziyoyigembula emakhasino. Usizi olubona ezinxanxatheleni zezitholo ezinamakhasino luyinto ongeke wayifisela ngisho isitha. Okubuhlungu kakhulu ukuthi ngisho ungasidabukela leso salukazi usiphe imali yokugibela, sisuke sizoyithatha siyogembula ngayo futhi.
Ngiyaqonda impela ukuthi nazo izinkampani lezi zenza inzuzo ngalokhu kodwa kuhle ukuba zidlale indima ekufundiseni abantu ngobungozi bokugembula ngokweqile futhi aziqinisekise ukuthi ziyawanakekela amakhasimende azo.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.