Izindaba

AKUKABOSHWA MUNTU NGOWESIFAZANE OWABULAWA ISOKA

AMAPHOYISA asekuqinisekisile ukuthi akukaboshwa muntu emuva kokubulawa kukaZikhona Saleni oneminyaka engamashumi amathathu nantathu (33) isoka lakhe. uSaleni watholakala esethule endlini yakhe eseMdantsane, e-East Londo ngomhlaka-13 Zibandlela 2024.

Ngokombiko osemaphoyiseni, uSaleni wayeqeda kuxabana nesoka lakhe ngaphambi kokuthi abulawe. Kuthiwa ngelinye ilange ebusuku ezinsukwini ezingaphambi kwabulawa ngalo waxhumana nomngani wakhe efuna amnike inombolo yamaphoyisa aseduze.

Kuthiwa umakhelwane wakhe wangenelela ngesikhathi uSaleni exabana nesoka lakhe.

Ngesikhathi umndeni wakhe kaSaleni ufika endlini yakhe ngenhloso yokumbheka, washaqeka umthola esefile. Nokho kuze kube manje akekho osaboshiwe ngalesi sigameko ngenxa yokusho kobufakazi. USaleni ushiye indodana yakhe eneminyaka eyishumi.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.