IPHOYISA EBELISANDA KUQASHWA LIZINIKELE NGAMACALA (2) OKUBULALA
LIZINIKELE kozakwabo esiteshini saseMbalenhle iphoyisa elingu-constable (okungamaphoyisa asuke esanda kungena embuthweni wamaphoyisa) emuva kokutholakala kwezidumbu ezimbili eMbalenhle eMpumalanga ngoMgqibelo.
Ngokombiko osemaphoyiseni, owesifazane ubone abesilisa ababili belele ngokuhlukana eduze komgwaqo belimele kanzima. Omunye wabo ubesakwazi ukukhuluma ngsikhathi embuza lona wesifazane ukuthi kwenzekeni kodwa ugcine engasakwazi ukuphendula.
Ube esehlaba umkhosi emphakathi, kwaziswa namaphoyisa nabezimo eziphuthumayo abafike sebefile bobabili laba.
Ophenyweni lwesikhashana olwenziwe amaphoyisa athole ukuthi abesilisa ababili bebeqashwe ukwenza umsebenzi othile emzini kamzala wephoyisa. Kusolwa ukuthi emuva kokuba sebehambile laba kulo muzi kubonakale ukuthi sekuntshontshwe umabonakude, nokuphoqe umzala wephoyisa ukuthi alicele limsize ukuthola ukuthi ushonephi umabonakude.
Kusolwa ukuthi iphoyisa nomzala bacinge laba besilisa abebesebenza emzini kamzala walo baze babathola. Babe sebeshaya kanzima, babalaxaza kule ndawo abatholwe kuyo.
Ngesikhathi kwenzeka konke lokhu iphoyisa belingekho emsebenzini kanti kulindeleke ukuthi livele enkantolo ngokushesha. Umsolwa wesibili usagcwele amathafa kodwa amaphoyisa asezithendeni zakhe.
Lolu daba seludluliselwe ophikweni oluzimele lo mbutho we-SAPS oluphenya ukuziphatha nokusebenza kwawo, i-Independent Police Investigative Directorate (IPID). Lolu daba luyaphenywa futhi uphiko lwabaseshi emaphoyiseni njengoba kunamacala amabili avulwe esiteshini saseMbalenhle.
Kusenjalo ukhomishani obambile wamaphoyisa esifundazweni saseMpumalanga, u-Major General (Dr.) Zeph Mkhwanazi usigxeke kakhulu lesi senzo futhi wazwakalisa ukuphoxeka njengoba kuthinteka iphoyisa kulesi sigameko. “Akekho umuntu ongaphezu komthetho. Kunoma iziphi izigameko lapho kwenzeka khona izenzo zobugebengu, kumele umphakathi uzibike emaphoyiseni kunokuthi uzithathele umthetho ngezandla zawo”, kusho u-Major Gen. Mkhwanazi.