EZISEMATHENIIzindaba

UVIMBA UMSHADO WESILO NOMAMYENI UKAMAYISELA

USENIKELE enkantolo uNdlunkulu weSilo uMisuzulu KaZwelithi, uNtokozo Mayisela ukuyofaka amaphepha okuvimba umshado ophakathi kweSilo noNomzamo Masesi Myeni ozoba emasontweni amabili ezayo. Kuzokhumbuleka ukuthi Isilo sisanda kufaka amaphepha okuhlukanisa naye uKaMayisela.

Emaphepheni awafake enkantolo uKaMayisela uqale ngokwazisa inkantolo ukuthi yena ushadile nommangalelwa, umshado wephepha nohlanganisa amafa. “Ngingakuqinisekisa ukuthi umyeni wami ucele umshado kowesifazane naye wawamukela”, kusho uKaMayisela.

Isithombe: Ingxenye yamaphepha afakwe enkantolo uNdlunkulu weSilo uNtokozo Mayisela

Uthe nguye unkosikazi oshade umshado wephepha ngakho nguye oshaya amaphiko. “Ngiyakuqinisekisa ukuthi umyeni wami useqalile ukwenza amalungiselelo okushada nalona wesifazane futhi usehlele ngisho usuku lwawo lo mcimbi noma umshado”, kusho yena.

“I-video lapho kumenyezelwa khona umshado futhi imema abantu izoyithola inkantolo ehloniphekile”, kusho uKaMayisela emaphepheni asenkantolo.

Uthe umthetho uthi makukhulunywe naye kodwa kakukaze kwenzeke lokho.”Ngokuzithoba ngazisa inkantolo ukuthi ummangalelwa ngeke angene emshadweni (a) wephepha (b) wesintu uma lona owami naye usekhona”, kusho yena.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.