EZISEMATHENIIzindaba

USOBISHINI NGOKUCWASA AMAKHALADI OWE-SABC OWAYEBUDLONYA EBHANOYINI

SELUZOPHENYWA ikhomishani yamalungelo abantu, i-South African Human Rights Commission (SAHRC), e-Western Cape isiqale uphenyo ngezinsolo zokucwasa ngokobuhlanga esigamekweni esenzeke endizeni yakwa-FlySafair ngenyanga edlule. Lokhu kuza ngemuva kokuba amaqembu ezepolitiki i-Patriotic Alliance ifake isikhalazo ngoNobuntu kwi-SAHRC kanti i-DA yona imvulele icala lokudicilela phansi isithunzi nelokushaya.

Lesi sigameko esasusa omkhulu umsindo nasezinkundleni zokuxhumana sibandakanya isisebenzi se-SABC, uNobuntu Mkhize, lapho ayexakazisana nezisebenzi zakuleli bhanoyi, waze wakhuluma inkulumo enenhlabathi ngamaKhaladi.

Kune-video eqoshiwe, eyasusa umsindo lapho uMkhize ebonakala efuna ukunikwa ngenkani utshwala kodwa akwaziwa ukuthi yini eyaba imbangela yengxabano kodwa bayabonakala abasebenzi basebhanoyini besondela bemcela ukuthi ahlale phansi. Wala ukuhlala phansi kunalokho ubhoka kakhulu futhi wabatshela ukuthi uyilungu le-ANC yena akathintwa. Wababuza ukuthi: “Niyamazi ubaba ukuthi ubani?”. UMkhize waqhubeka waqhoshela laba ukuthi yena usebenzela i-SABC futhi lokhu okwenzekayo kuzovela ezindabeni. Waphinde wathi yena unemali, une-degree futhi uzokwehla ebhanoyini afune ukuhanjiswa nabasebenzi bebhanoyi abalutho kuyena.

Wabe esekhwela edilika kwabomdab abangamakhaladi

Ngokombiko we-Times Live, inhloso ye-SAHRC yokungenelela wukulwa nokucwasana kwabantu.

“I-SAHRC ikhathazekile ngokuqhubeka kwezigameko zokucwasana ngokobuhlanga, ikakhulu njengoba izwe libungaza iminyaka engamashumi amathathu (30) yenkululeko.

“Siyazigxeka kakhulu izigameko zokucwasana futhi siyaqonda ukuthi kakulula ukubhekana nezigameko zalolu hlobo,” kusho le khomishini esitatimendeni.

Emuva kwalesi sigameko uMkhize waboshwa ngecala lokuphula umthetho i-Civil Aviation Act No. 13 ka 2009 ngokuphazamisa nokuziphatha ngendlela enobudlwembe ebhanoyini lihamba.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.