EZISEMATHENIIzindaba

UMBUSO UTHI UGWABENI OWAYELANDELA U-AKA NGOSUKU ABULAWA NGALO

IZINDABA: Inkantolo i-Durban Magistrate’s Court isigodlele uLwesithathu lwesonto elizayo isinqumo ngesicelo se-bail sabasolwa ababili kwabahlanu abasolwa ngokubulala umculi we-Hiphop wakuleli, u-Kiernan ‘AKA’ Forbes nomngani wakhe uTebello ‘Tibz’ Motsoane ngaphandle kwendawo yokudla i-Wish ku-Florida road eThekwini. Abasolwa uMziwethemba Gwabeni noLindani Ndimande bebezothula ubufakazi obusha kule nkantolo abathi bafuna ibakhiphe ngabo esitikini.

Kuzokhumbuleka ukuthi selokhu laba banqatshelwa i-bail basagcinwe esitikini. UGwabeni utshele inkantolo ukuthi isikole sengane yakhe i-St. Benedict Primary School sesimthumele incwadi simazisa ukuthi sizomthathela izinyathelo zomthetho njengoba esikweleta imali engu-R100 000 kusukela ngoZibandlela 10. Esinye isikole esifunda enye indodakazi yakhe i-Grace Place School sesimazise ukuthi usalele ngemuva ngokusikhokhela imali yaso.

UNdimande uthe itekisi lakhe lifile ekhaya ucelwa ukudedelwa ukuze akwazi ukuhlanganisa amasenti alilungise ukuze ondle amakhosikazi kababa wakhe ngoba abheke yena aphinde akwazi ukukhokhela izindleko zomthetho. Bebengalindele abameli ngesikhathi imantshi ibuza ukuthi kanti kayikho yini i-insurance. Abakwazanga ukuphendula ngokuzwakalayo lo mbuzo.

Umbuso uthe lezi zizathu abazishoyo laba azishintshi lutho mabaqhubeke bahlale esitikini.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.