EZISEMATHENIIzindaba

BAFUNA UKUDEDELWA ‘NGAMAQHINGA’ AMASHA ABABILI KWELIKA-AKA

ABASOLWA ababili ecaleni lokubulawa komculi we-Hiphop kuleli, u-Kiernan ‘AKA’ Forbes nomngani wakhe owayengumpheki uTebello ‘Tebz’ Motsoane benze izethulo ezintsha namuhla [ngoLwesine] enkantolo yemantshi i-Durban Magistrate’s Court njengoba befaka kabusha izicelo ze-bail. U-AKA nomngani wakhe badutshulwa ngaphandle kwendawo yokudla i-Wish eku-Florida Road eThekwini ngoNhlolanja 2023.

UMziwethemba Gwabeni (36) ongomunye wabasolwa abahlanu kuleli cala utshele inkantolo ukuthi isikole sabadla izambane likapondo esifunda ingane yakhesesimthathele izinyathelo zomthetho njengoba esehluleka ukukhokha imali yesikole. Lokhu kuvele emaphepheni abefundwa ummeli wakhe u-Adv. Simphiwe Mlotshwa.

“Ngenxa yokugcinwa kwami esitikini, isikole i-St. Benedicts School sibhalele incwadi umndeni wami siwazisa ngokuphulwa kwenkontileka ka-R100 000 ongakhokhwangwa ngoZibandlela 10, 2024”, kusho uGwabeni. UGwabeni uqhubeke wathi usenesikweletu kwesinye isikole esifunda ingane yakhe i-Grace Place School futhi njengoba esalokhu egcinwe esitikini akakwazi ukuthola umholo kwinkampnai yakhe yezokwakha neyemayini nosekumenze wadonsa kanzima ezimalini.

Uthe emuva kokunqatshelwa ukuthola i-bail izingane zakhe nonkosikazi omncane kwaphoqa ukuthi bahambe uhlelo lokululekwa. Omunye unkosikazi wakhe ungudokotela.

Ubuye wakhala ngokuthi imizamo yombuso yokulanda abanye abasolwa ababili kuleli cala ababoshwa Eswatini nayo ibambezela ukuqulwa kwaleli cala okuqhubeka nokukhweza izinkinga kuye futhi umbuso awunayo into ebambekayo ombophele yona.

Omunye umsolwa wesibili uLindokuhle Ndimande (29) uthe yena ubebhekene nokondla amakhosikazi kababa wakhe kodwa lokhu kuphazamiseke kakhulu emuva kokuba itekisi lakhe libe sengozini yomgwaqo, lalimala emuva kokuboshwa kwakhe. Uthe ukukhululwa kwakhe kuzomnika ithuba lokukwazi ukwenza imali ukuze akwazi ukuqhubeka nokwenza imisebenzi emhlalele nokukhokhela izindlelo zezomthetho.

Umshushisi u-Elvis Gcweka uthe lolu daba abalubekayo laba lwaxoxwa ngomhlaka-29 Lwezi 2024 nokwaholela ekutheni luhlehliselwe umhlaka-7 Nhlolanja 2025 ukuze abasolwa banikwe imininingwane yecala. “Zombili lezi zicelo zihlulekile ukuveza ukuthi kunezizathu ezinqala ezingavumela ukukhululwa kwalaba bobabili”, kusho umshushisi uGcweka.

Abanye abasolwa ababoshwe kuleli cala oLindokuhle Mkhwanazi (30), Lindani Ndimande (35 noSiyanda Myeza (21). Bonke banqatshelwe i-bail ngoNhlaba ngonyaka odlule.

Ngonyaka odlule laba befaka isicelo se-bail kwavela ukuthi uGwabeni wakhokhelwa imali engu-R800 000 kwi-account yakhe yasebhange ngosuku olulandela okwabulwa ngalo u-AKA nomgani wakhe. UGwabeni wabe esedlulisa imali engu-R665 000 kwabanye abasolwa ababili abasEswatini. Laba babhekene namanye amacala ahlanganisa ukushintshanisana ngemali, ukwakha uzungu lokubulala, ukuba nesibhamu ngokungekho emthethweni, ukuba nezinhlamvu ngokungekho emthethweni kanye namacala amahlanu okuzama ukubulala.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.