EZEMFUNDOImibono

SEKUYASINDA KUBAZALI, IMFUNDO YAMAHHALA ISEKHONA KODWA?

IZOLO ngithe ngilalele izindaba ze-SABC emsakazweni wesiZulu, Ukhozi FM ngezwa kuthiwa abazali bezingane ezikoleni zase-Eastern Cape banxusa uhulumeni ukuthi abalekelele ekuthengeni izidingo zesikole njengoba kunzima kubo ngasemalini. Abebekhala ngakho labazali inani lezimpahla ezidingeka ezikoleni okufunda kuzona abantwana babo.

Okokuqala nje ngifuna ukutusa isibindi salabazali abangafelanga ngaphakathi okwebutho likaZulu uma bezwela ingcindezi abayifakelwa ilomthwalo uqala nje unyaka.

Okwesibili ngifuna ukukusho ukuthi empeleni lena inselelo ebhekene nabazali abaningi cishe ezweni lonke. Nalapha KwaZulu-Natali sikhala esifanayo kodwa-ke isimo somnotho ngokuhlukana kwabantu isona esilawula indlela umuntu azizwa ngayo ngalolu daba. Ngeke kuphikwe ukuthi bakhona abanawo amandla okuthengela abantwana babo ngeshwa bese kuba khona abadonsa kanzima emiphakathini efanayo.

Amanani ezimpahla ezitolo akhuphukha unyaka nonyaka ngakho umthwalo osemahlombe abazali njengoba kuqala unyaka mkhulu kakhulu. Ngokuvamile abazali bebejwayele ukuba ngalesi sikhathi babhekane nezindleko zokuthenga umfaniswano wesikole kuphela kodwa muva nje sekushintshile njengoba abazali sekumele kube yibona abathengela izikole izinsiza kusebenza ezifana namaphepha, u-ink, insipho yokuhlanza, toilet papers nokunye okuningi.

Umuntu uyazibuza ukuthi ngabe imfundo eNingizimu Afrika isemahhala yini?

Angifuni ukungena kakhulu ezintweni ezithinta ipolitiki kodwa njengomuntu ongumzali futhi omgumvoti kulelizwe ngifuna ukuphosela inselelo izinhlaka zikahulumeni ezibhekele ezemfundo ukuthi zikhanyisele abantu ukuthi kwenzakalani ngempela ezikoleni. Ngabe lolu hide lwezimfuno ezibhekiswe kubazali ngesikhathi esinzima kangaka sokuqala konyaka zifanele yini? Futhi ngabe imfundo yakuleli isemahhala yini?

Ngonyaka odlule ngike ngaba ingxenye yomhlangano wokuvala unyaka esikoleni esifunda ingane yami yesibili lapho bekwenziwa khona umbiko ngokusebenza kwemali yonyaka u-2024. Lowa mbiko wesikole ubudabukisa njengoba ingxenye enkulu yemali isikole ebesiyilindele emnyangweni ingangenanga kodwa kulindeleke ukuthi sona senze kahle ekuphathweni kwaso isikole nasekuqhubeni ukufunda nokufundisa.

Abaphathi bezikole baphoqeleka ukungena emapheketheni abo bephinde behle benyuka becela izimali kubantu basemphakathini nakosomabhizinisi ukuze belungise izinkinga ezidinga imali ezikoleni zabo. Iyona ndlela okufanele kuphilwe ngayo lena ezikoleni uma uhulumeni ezimisele ngokuphucula izinga lezemfundo?

Ngiyaqonda ukuthi isabelo mali esinikwa iminyango ezifundazweni isona esilawula indlela okutshalwa ngayo imali ezikoleni kodwa uma abaphethe bengenayo intando enhle lokhu kungaba nomthelela ongemuhle kuso sonke isakhiwo sezemfundo. Nakho nje ukuthi abaphethe bengaqondi ngokuphelele ngezinselelo ezibhekene nalomkhakha kungaba iva okungaba nzima ukulibangula. Angikholwa mina ukuthi ayikho ngempela imali yokwenza lezi zinto okuthiwa azenziwe abazali. Kungani abazali bethweswe ijoka likahulumeni. Kuyacaca ukuthi akusekude ukuthi lokhu kudla okudliwa izingane ezikoleni kuthiwe abazali abezithengele bona.

Ngaphezu kwale nkiyankiya ekhona manje abanye abazali babhekene nokukhokha imali yokuthutha izingane maziya ezikoleni nokunye okuningi kodwa manje sekwengezwa nanku futhi omunye mthwalo. Sikhumbule futhi ukuthi kwezinye izikole abazali bebevele bekhokhela imali yokufunda (school fees).

Lapha ku-Facebook ngihlezi ngibona abantu befake uhlu lwezimpahla zokufunda izingane okumele bazithenge. Kuyamangalisa engikubonayo ngoba uke uthole okunye kudlula ngisho imali eyinkulungwane umfundi emunye. Ngize ngizibuze ukuthi ngabe laba abenza lolu hlu bayaphila kahle emakhanda? Phela kunabazali abanezingane ezingaphezu kweyodwa okumele bazithengele zonke futhi. Akulula neze.

Kuyaziwa ukuthi izitolo bese zingazuzi ngokuthengwa kwezimpahla ezisetshenziswa abafundi ezikoleni ngoba uhulumeni ubezithenga ngokulandela umgomo wemfundo yamahhala, ngabe ndlela thize isizwe singene ogibeni oluhleliwe lokuzuziza osomabhizinisi? Uma kungenzeka lokho kuyobe izwe lingaphansi kwenhlekelele enkulu.

Ngiyazi ukuthi bengithe ngeke ngingene kwezepolitiki kodwa kuyiqiniso ukuthi sizodinga bona vele osopolitiki ukuba bangenelele kulesi simo ngoba uhulumeni uphethwe yibo. Sengathi uma kukhethwa abaphathiswa beminyango efana nalona wezemfundo kungafakwa abantu abaziqonda kahle izinselelo ezibhekene nayo, kusuka ekuphathweni kwawo umnyango kuya phansi ezikoleni.

Ngoba angigeqi amagula ngizoma khona la, sobuye sikhulume.

*Ungaxhumana nomhleli kuleli kheli le-email: editor.umkhaya@gmail.com noma ku-Whatsapp [0795239786]

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.