NCINDA NANSI INSIZI YABANQOBI
ONYAKENI omusha, osukwini olusha ngiyabingelela kuwe Mfundi walengosi. Lena yingosi ebalulekile ngoba iyaselapha, iyasicija futhi iyasivuselela kakhulu emoyeni. Ngiyethemba uwuqale kahle unyaka. Uma uwuqale kabi sengathi uJehova engakupha isinxephezelo senjabulo.
Njengoba unyaka uqala kuningi esisuke sikuhlelile nesikufisayo. Kepha abantu abaningi bagcina ngokuba nezifiso eziningi kepha bengenzi mnyakazo ukuzifeza.
Namuhla bengifisa sincinde nansi insizi eyinhlanganisela yamagama. Lawa ngamagama abalulekile angakwazi ukukusiza ukubhekana nonyaka uma uwasebenzisa;
1. Umkhuleko
Uqala nje unyaka ngifisa ukukukhuthaza mfundi wale ngosi ukuthi ungayeki ukukhuleka. Umkhuleko unamandla amakhulu. Kuyenzeka umkhuleko ungaphendulwa ngaleso sikhathi kepha uyakwazi ukushintsha indlela obuka ngayo isimo. Bikela uMdali ngokuhle nokubi okwenzeka empilweni yakho. Mkhumbuze ngezithembiso azenze emavesini akhe encwadini eyingcwele. Mbonge uJehova zikhathi zonke.
2. Ithemba
Okwesibili okubalulekile ukuthi ube nethemba. Ziningi izinto ezidikibalisayo empilweni kodwa ungalilahli ithemba. Ithemba kalibulali kepha lisenza siphile. Kuzolunga nakuwe. Uma uJehova esevumile akekho oyomelana nawe. Zitshele ukuthi okungalunganga ngonyaka odlule kuzolunga kulonyaka.
3. Ukwenza.
Okwesithathu yenza. Ungagcini ngokuthandaza nokwethemba bese ugoqa izandla ungenzi lutho. Ayikho inkomo yobuthongo futhi kubamba ezingelayo. Impilo ingeyakho uma ungenzi lutho ngeke uzuze lutho. Sukuma wenze okuthile kulonyaka. Akube khona ikhono ozolifunda kulonyaka. Hlala njalo ulangazelela ukuzithuthukisa. Lapha ezinkundleni zokuxhumana sekukhona ngisho izifundo zamahhala.
Ku-wallet, kwi-file noma kwi-purse yakho akube khona okuyisicucu esiveza ukuthi unekhono elithize. Kungaba isitifiketi noma ilayisense yokushayela. Uma kungekho ngisho okukodwa kulokhu ngikuphonsela inselelo unyaka uqala nje ukuthi yenza okuthile. Kumele kube khona obaluleke ngakho.
Ngikufisela ukuthi UJehova akuphe impilo kudede lonke uhlobo lomkhuhlane empilweni yakho. Akuphe amathuba amasha bese ekupha imali. Imali ingabaleki kuwe kepha izinze. Kukhanye, kwande.
Kuze kube ngokuzayo.
Boni Mahlinza
*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomluleki wempilo