EZEMIDLALOIzindaba

I-ROYAL AM ITHI IZOPHUMA MADUZE KULELI HLAZO EBISHE KULO

IQEMBU laseThekwini elidlala ku-Betway Premiership selidalule ukuthi sizolunga maduze isimo elibhekene naso sokungakwazi ukukhokhela abadlali, abaqeqeshi kanye nabanye abasebenzi baleli qembu. Lokhu kudalulwe ileli qembu esitatimendeni elisikhiphe ngoLwesithathu.

Yenza lesitatimende nje i-Royal AM isenkingeni enkulu njengoba iphoqeleke ukuthi imise umdlalo wayo neChippa United ngenxa yokuthi abadlali bayo abasalubhadi ejimini njengoba sekuyinyanga yesibili bengaholi. Lo mdlalo obekumele ube seNelson Mandela Bay Stadium ngoMsombuluko ebusuku uhlehliselwe isikhathi esingaziwa futhi encwadini ebhalelwe i-PSL akucaciswanga ukuthi uhlehliselwani.

“I-Royal AM ifisa ukulungisa isimo esingesihle ebhekene naso esifaka ukungakwazi ukukhokha imiholo yabadlali, abaqeqeshi nabanye abasebenzi ngoZibandlela 2024”, kusho isitatimende sayo.

Kulesitatimende i-Royal AM iqhubeke yathi: “Njengoba bazi abaningi ukuthi iqembu lingaphansi kombheki ngegunya elitholwe umqoqintela (SARS). Lokhu kuholelele ekutheni kuqokwe umbheki ozophatha iqembu okwesikhashana okunguMnuz. Jacob Venter, ozobe ebheka impahla yeqembu nokusebenza kwalo. Sifuna ukuqinisekisa bonke abathintekayo ukuthi i-Royal AM izimisele ukuxazulula lesi simo ngokuphazima kweso”, kusho isitatimende se-Royal AM.

Isitatimende siqhubeka sithi isikhulu esiphezulu saleli qembu kanye nomphathi walo basebenza kanzima ukunxenxa umbheki ukuze lithole imvume yokudedelwa kwemali eyanele yokukhokha amaholo. “Kuhlale kuwumgomo we-Royal AM ukubeka phambili inhlalonhle yabasabenzi bethu, futhi sizinikele ukugcina lowo mgomo wethu noma sibhekene nalezi zinselelo”, kusho isitatimende.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule inkampani eqoqa intela kuleli i-SARS ihlasele emzini kasomabhizini waseThekwini, ophinde abe ngumnikazi we-Royal AM, u-Shawn Mkhize lapho ishaqe khona yonke impahla ebisemzini wakhe oseMhlanga kuhlanganisa nezimoto zikanokusho.

Emuva kwalesi sigameko i-SARS yakhipha isitatimende kwabezindaba iveza ukuthi ukugasela kwayo emzini kaMkhize bekuyingxenye yale nhlangano kanye nezinye izinhlaka zokuqiniswa komthetho yokuqinisekisa ukuthi kutholakala bonke ubufakazi bezinto okumele zisetshenziswe ukukhokhela intela kanye nokuthumela umyalezo wokuthi abangayikhokheli intela bayajeza noma bangobani.

Kubikwa ukuthi uMkhize ukweleta i-SARS imali elinganiselwa-R40 million yentela ngezimali ezigcinwe kuma-account ezongo zomndeni okuholele ekutheni kuchaphazeleke kabi yonke impahla yakhe kuhlanganisa neqembu lebhola angumnikazi walo.

Izinkinga ze-Royal AM ziqale eminyakeni emibili edlule lapho ibibhekene nenhlangano ephethe ibhola emhlabeni, i-FIFA eyimise ukuthi ingabe isakwazi ukuthenga abadlali abasha emuva kokukweleta obengumdlali wayo, u-Samir Nurkovic imali engu-R15-million.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.