KUBOSHWE OWESIFAZANE OQOLE ABANGU-17 ABEBEQASHE INDAWO YOKUSHADA
UKHALELWE ngamasongo kasigonyela owesifazane oneminyaka engamashumi amahlanu nantathu (53) oqole abantu abayishumi nesikhombisa (17) abebebheka indawo enhle abangashadela kuyona. Lona wesifazane ubelandelwa uphiko lwezokuphenya lwenkampani yonogada i-Reaction Unit of South Africa (RUSA) egcine imbophe ngoLwesibili ekuseni.
Kuthiwa lona wesifazane wase-Shallcross, KwaZulu-Natali udle enhle imali kwizithandani ezingu-17 ebezilungiselela ukushada abezikhangisela indawo ewubukhazikhazi ese-Botha’s Hill okungesiyo eyakhe. Le ndawo iqashwe ngelanga elilodwa ibo bonke laba bantu ngokuhlukana bengazani. Ngosuku lwemishado yabo ngokuhlukana bafikile nemindeni yabo, baphoxeka bethola ukuthi indawo iqashwe abantu abehlukene, ayinawo ugesi namanzi futhi ayibukeki ngendlela ebiyiyo esikhangisweni.
Umsolwa ubeyaye afune ukukhokhelwa izisulu ngaphambi kokuthi zifike ukuzobona indawo.
Izithandani ezihlala eThekwini zixhumane ne-RUSA emuva kokuba ziqolwe imali engu-R26 000 ngoZibandlela 2024. I-RUSA ifake lolu lwazi ezinkundleni zokuxhumana ngenhloso yokucingiswa umsolwa kwabe sekuvela inqwaba yabanye abantu abafone ehhovisi layo bethi nabo baqolwe ilona wesifazane. Abantu abafonele ehhovisi le-RUSA bebeqhamuka ezifundazweni ezehlukene zakuleli.
Kuthe kusenjalo abe-RUSA bafonelwa iphoyisa elingumphenyi wamacala esiteshini sase-Boksburg eGoli ebazisa ukuthi umsolwa bayamfuna nabo ngamacala amabili okuqola abantu ngendawo yokwenzela imicimbi awenze eGauteng ngo-2024. Umseshi ube esenika i-RUSA inombolo yecala.
NgoLwesibili ekuseni abasebenzi be-RUSA babe sebemyenga umsolwa njengabantu abafuna indawo yokwenza umcimbi kanti bayamlandela ngobuchwepheshe ukuthi kuphi nendawo. Balandele umkhondo wemishini abebeyisebenzisa bagcina bemtholile, wabe eseboshwa. Ngesikhathi sebemphosa imibuzo abe-RUSA ubatshele ukuthi ubengummeli wamacala obugebengu oxoshwe inhlangano yabameli i-Law Society emuva kokuntshontsha imali yekhasimende lakhe ebeyigcinwe esikhwameni sezinzalo.
Abe-RUSA bathole ukuthi umsolwa wavulelwa icala ngesenzo sakhe waboshwa kanti unomlando weminyaka engamashumi amabili (20) wokuqola abantu.
Amaphoyisa ase-Boksburg eGoli azisiwe ngokubanjwa kwalona wesifazane, abe esehlela ukuza esifundazweni saKwaZulu-Natali ngenhloso yokulanda umsolwa ukuze kuqhubeke olunye uphenyo ngamacala awenze eGoli.