ABASOLWA ABABILI KWELIKA-AKA BAZOFAKA KABUSHA IZICELO ZE-BAIL
BAZOFAKA kabusha izicelo ze-bail abasolwa ababili ecaleni lokubulawa komculi we-Hiphop, u-Kiernan ‘AKA’ Forbes kanye nomngani wakhe owayengumpheki odumile, uTebello ‘Tibza’ Motsoane. Labasolwa okungoMziwethemba Gwabeni (36) noLindokuhle Ndimande (29) bazoya enkantolo kamantshi i-Durban Magistrates Court bephethe imininingwane emisha ngaleli cala.
Lokhu kuvezwe i-National Prosecuting Authority ethe isicelo salaba sizolalelwa ngoLwesine kuyena le nkantolo ebalulwe ngenhla.
UGwabeni noNdimande kanye nabanye abasolwa okungoLindokuhle Mkhwanazi (30), Lindani Ndimande (35) noSiyanda Myeza (21) baboshwa ngoNhlolanja 2024 ngecala lokubulala u-AKA nomgani wakhe ngaphandle kwendawo yokudla eku-Florida, eThekwini. Bonke banqatshelwa i-bail ngoNhlabaa wonyaka odlule.
Imantshi ephethe leli cala, u-Vincent Hlatshwayo ithe kunobufakazi okubucayi ngokuthinteka kwalaba kuleli lokubulala, ikakhulukazi uGwabeni.
Ngesikhathi befaka isicelo se-bail kwavela ukuthi uGwabeni wakhokhelwa imali engu-R800 000 kwi-account yakhe yasebhange ngemuva kosuku okwabulawa u-AKA nomngani wakhe. UGwabeni wabe esedlulisela imali engu-R665 000 komunye umsolwa nakwabanye abasolwa abalamanayo ababesEswatini.
Amanye amacala abhekene nalaba basolwa abahlanu ukushintshanisa ngemali, ukwenza uzungu lokubulala, ukuphatha isibhamu ngokungemvume, ukuphatha izinhlamvu ngokungekho emthethweni namacala amahlanu okuzama ukubulala.
NgoLwezi 2024 uhlangothi lwabameli bombuso aluphumelelanga esicelweni salo sokuthi inkantolo ilinde ukuthi kubuye abasolwa abasEswatini ngaphambi kokuthi kuqulwe eNingizimu Afrika. Izelamani uSiyabonga no Malusi Ndimande baphikisana nesinqumo esakhishwa inkantolo yasEswatini sokulethwa kuleli ukuze babe ingxenye yabanye abasolwa.
Imantshi uHlatshwayo yalihlehlisela umhlaka-7 Nhlolanja ukuze umbuso ukwazi ukudlulisa eminye imininingwane ephathelene necala kubasolwa futhi angeke iphinde ilihlehlise leli cala ngemininingwane ethinta lokho.