OWE MANDENI SHUTDOWN NYE UFUNA IZIMPENDULO KU-EMTEE OBACHAYISILE
ABAHLELI bomcimbi omkhulu wokuhlukanisa unyaka iMandeni Shutdown NYE obukwaNgcedomhlophe Stadium eSundumbili ngomhlaka-31 Zibandlela 2024 nangomhlaka-1 Masingana 2025 basalwa eyokungafiki komculi we-Hiphop, uMthembeni ‘Emtee’ Ndevu kulo mcimbi yize ubesekhokhelwe. U-Emtee ubevela ezithombeni ebezikhangisa ngalo mcimbi njengomculi oyisimenywa esiqavile (main act) nokho ugcine engafikanga.
Abalandeli abakhe baphoxeke kakhulu kangangokuthi bagcine besola abahleli bomcimbi ngokuthi babashaye ngemfe iphindiwe.
Iphephandaba i-City Press libikile ngalolu daba nalapho lidalule khona ukuthi line-invoice okukholakala ukuthi ibivela ku-Emtee yemali engu-R35 000 ebihlanganisa izindleko zendiza kanye nendawo yokuhlala.
Umhleli womcimbi, uBitso Thwala uthe basebenzise imali engu-R50 000 ukulungiselela ukufika kuka-Emtee besebenzisana nomuntu obizwa ngo-Brian abebekholwa ukuthi ungumphathi ka-Emtee.

Isithombe: Obezibiza ngo-Brian okusolwa ukuthi uqole abahleli bomcimbi iMandeni Shutdown NYE
“Akafikanga. Sizamile ukuxhumana nabo kodwa basiziba. Abakaze basho lutho kithina. Kwale noma sesibathumela i-email [ngoLwesine nangoLwesihlanu] sisho ukuthi ‘siniqashile, sisebenzisana no-Brian kwenzakalani?’ Akekho osiphendulile. Sifonele umphathi, samzama naku-Whatsapp kodwa wasiziba”, kusho uBitso.
UBitso utshele UMKHAYA ukuthi ubehlela lomcimbi esebenzisa inkampani eyi-marketing agency kaMandla Madibe oke wamsiza ukuthola abanye abaculi abadumile abafana no-Kelly Khumalo, Dbn Gogo nabanye. “U-Brian ungifonele wathi kimi inombolo kamakhalekhwini wami uyithole kuMandla. Uthe ungumphathi ka-Emtee, uma kwenzeka sidinga u-Emtee emcimbini singaxhumana naye. Ube esengikhombisa amaphepha enkontileka nama-invoice awasebenzisayo uma kuqashwa lo mculi.
“Noma ngiqale ngayiziba lento ka-Emtee, ngoba bengisazama ukuthi sithole amanye amaciko inkinga abantu ezinkundleni zokuxhumana bebesibelesele bethi asifake abantu be-Hiphop ohlwini lwamaciko esizowaqasha emcimbini weMandeni Shutdown NYE. Ngizithole ngiphoqeleka ukuthi ngilalele okufunwa abantu ngoba umcimbi ngisuke ngiwenzela bona.
“Ngibe sengixhumana noMandla ukuthi akafake u-Emtee ngoba vele senginayo indlela yokuxhumana naye. UMandla uthe asime kancane ngabantu be-Hiphop. Into engiyibukile ukuthi umuntu owazi abantu bangakithi nabakufunayo imina. Ngabe sengimazisa ukuthi axhumane naye lo-Brian futhi ubevele eshilo [u-Brian] ukuthi inombolo yami uyinikwe uyena uMandla nokwenze ngamethemba”, kusho uBitso.
Uthe baqalile ukuxoxisana no-Brian ukuze kuqashwe u-Emtee. Emuva kwalokho u-Brian ube esemyalela ukuthi afake imali yokukhokhela izindleko zokuhamba nezokuhlala ukuze afike lo mculi.
Uthe ukhokhe imali yesibambiso (deposit) eyizindleko zokuhlala nokuhamba njengokuyalela kuka-Brian.
“Inkinga ngokuqasha abantu abadumile ukuthi awuxhumani nabo ngqo kodwa usebenzisana nabaphathi babo uze uqede. Manje ngangithembe ukuthi u-Brian ungumphathi wangempela ka-Emtee. Sasilokhu sixhumana ngosuku lomcimbi, esho ukuthi sebekuphi manje. Salinda kanjalo elokhu esho ukuthi bakuphi manje kwaze kwasa bengafiki’, kusho uBitso.
UMandla uphawulile ku-City Press ethi abantu ababehambele umcimbi befuna ukubona u-Emtee babelokhu bebasola ngokuthi benze isikhangiso somcimbi esingamanga. Uthe uma kuwukuthi abethimba lika-Emtee bathathe imali yabo kodwa banquma ukungezi emcimbini wabo abaxolise futhi bebuyise imali yabo.
“Uma kuwukuthi siqoliwe ngempela, singathokoza uma yena nethimba lakhe bengaphendula ama-email ethu besho ukuthi siqoliwe”, kusho uMandla.
Uthe bengakujabulela ukuthi u-Emtee akhiphe isitatimende achaze ngalokhu. Uthe ukuzitshwa kwama-email abo kubatshela ukuthi kungenzeka ukuthi abaqoliwe ngoba abaphathi baka-Emtee bebezobona lama-email abo besukumele phezulu.
Ngokombiko we-City Press abeBitso Entertainment okuyinkampani kaBitso baxhumane nabaphathi baka-Emtee, abakuqinisekisile ukuthi uzotholakala ngosuku adingeka ngalo. Bona babe sebenza isikhangiso somcimbi futhi konke kukuhle. “Siqinisekise nomphathi wakhe ukuthi uzonandisa ngokugamanxa kwehora lesibili (02:30) ekuseni. Sibe sesimqashela indawo yokuhlala ehhotela eliseBallito. Size saqasha ngisho imoto ebizomthatha esikhumulweni sezindiza imuse ehhotela, bese esuka ehhotela eze emcimbini”, kusho uMandla.

Isithombe: Isikhangiso somcimbi iMandeni Shutdown NYE esinesithombe sika-Emtee
I-City Press ikhuluma nonkosikazi ka-Emtee, u-Nicole Chinsamy obuye abe umphathi wezindaba zakhe uthe abamazi umuntu ongu-Brian ngoba uyena kuphela obhekene nomsebenzi wokuqashwa kuka-Emtee. Uthe umcimbi abewazi yena abeqashwe kuwo u-Emtee ngokuhlukana konyaka i-Last Dance Music Festival ebidlala ku-SABC 1, e-Royal Showgrounds eMgungundlovu.
Uqhubeke wathi ukube abahleli beMandeni Shutdown bebexhumane naye ku-email yakhe ekuqaleni ubezobazisa ukuthi ngeke atholakale u-Emtee ngoba ubesevele eqashiwe.
I-City Press ibike ukuthi kungenzeka ukuthi iBitso Entertainment iqolwe ngempela ngoba i-invoice ebisetshenziswa ibine-logo negama lenkampani edayisa impahla yasendlini. Okunye okuvezwe ileli phephandaba ukuthi bekuhlelwe no-Emtee ukuthi naye afake isikhangiso somcimbi weMandeni Shutdown NYE kodwa okungenzekanga nakuba bebelokhu bebheka ukuthi kuyenzeka yini lokhu. Ikhasi le-X (ebiyi-Twitter) okuthathwe kulona inombolo ka-Brian livulwe ngo-2020, linosuku lokuzalwa okungesilo elika-Emtee, bekugcinwe ukubhala kulo ngo-2021 ngaphambi kokuthi kubhalwe futhi ngoZibandlela ngonyaka odlule.
UBitso ophinde abe ngu-DJ utshele UMKHAYA ukuthi inkinga abanayo manje ngo-Emtee nethimba lakhe ukuthi akukho abakwenzayo ukuziqhelelanisa naso sonke lesi simo, kunalokho ngathi akwenzeke lutho.