“ABANTU BACASULWE UKUBONA UMCULI ABAMTHANDAYO, EDELELWA” – GATSHENI
USEPHAWULILE uGatsheni ngesigameko esenzeke emcimbini obuhlelwe uMthandeni SK eMkhaliphi Stadium, eMdletsheni ngoMgqibelo, mhlaka-4 Masingana 2025. Kulo mcimbi kubonakale izihlwele abeziwethamele zijikijela amabhodlela e-stage emuva kokuthi kungene uNaledi ezonandisa ekubeni kusanandisa uGatsheni.
Akuqondakali ukuthi izinkomishi ziphambane kuphi kodwa kuke kwaba nesixakaxaka kuba nokuthula komculo ngesikhathi uGatsheni esematasa e-stage namagidangoma akhe. Kuthe kusenjalo kwatheleka uNaledi nabadansi bakhe, kwase kudlala ingoma yakhe. Uqale ukunandisa, kwaphoqa ukuthi uGatsheni nezakhe bedede enkundleni.
Ebhala ekhasini lakhe lika-Facebook uGatsheni ubongele uMthandeni nethimba lakhe ngokuhlela umcimbi oseqophelweni eliphezulu endaweni yasemakhaya.
Uthe ubezitshela ukuthi ngeke aphawule ngokwenzekile phakathi kwakhe noNaledi. “Ngike ngazitshela ukuthi ngizothula ngingaphawuli ngokwenzekile phakathi kwami nosisi omncane uNaledi ngoba ngiyakholelwa ekutheni kuningi okuhle okwenzeke kulo mcimbi obekumele kugqame ngempela”, kusho yena.
“Uma uwumuntu kubalulekile ukuthi ube nento ebizwa ’emotional intelligence’, lokhu kusho ukungalawulwa imizwa. Iyona-ke into mina nethimba lami esiyenzile e-stage, ukuzibamba noma uzwa ukuthi kufanele ngabe kukhona engikwenzayo manje.
“Yini ecasule abantu kangaka? Umbuzo lowo ofanele ngabe siyawubuza.
“Abantu bacasulwe ukubona umculi abamthandayo edelelwa intokazi esencane. Isiklaya nje phakathi sizinsizwa, isedlula nje sengathi ayisiboni”, kusho uGatsheni.
Uthe lapha emhlabeni umuntu uthola lokhu akunikayo. “Uma usipha inhlonipho, uzohlonishwa”, kusho yena.
Uqhubeke wancoma uMthandeni nethimba lakhe ngokwenza konke okusemandleni ukwenza umcimbi ungabi nogcobo futhi ube muhle kakhulu. “Sibone uMthandeni engena e-stage noMawhoo, Lwah Ndlunkulu noNomcebo (Umlando). Sibona uMthandeni eshintsha izimpahla [zokugqoka] kaningi emcimbini owodwa.
Ululeke abaphathi be-stage ukuthi ngokuhamba kwesikhathi benze izifundo ezibizwa ze-project management.”Kufanele kube abakwaziyo ukuthatha izinqumo ngokushesha, ngisho bengaphansi kwengcindezi ngaphandle kokusebenzisa imizwa. Umphakathi kumele ungaboni nanoma sekukhona inkinga ekhona ngoba lemicimbi isuke idlala bukhoma nasezinkundleni zokuxhumana. Nabaxhasi basuke bebhekile”, kusho uGatsheni.
Uthe akahambisani nokuphoswa kwamabhodlela e-stage nokulinyazwa kwemishini yokusebenza kanye nabaculi. “Ngiyafisa ukuhlangana noNaledi, nethimba asebenzisana nalo. Kubalulekile ukuthi siligeze igama lakhe emphakathini ukuze engeke esabe ukusebenza namabhinca nakusasa”,
Uthe ithalente kumele lihambisane nenhlonipho. “Akudingeki ukuthi uze uye esikoleni ukuze uqonde ukuthi iMthandeni Summer Experience umsebenzi obalulekile”, kusho yena.

Isithombe: Uhlu lwabaculi abavela ohlwini lwabebezonandisa emcimbini kaMthandeni
Ube esefaka uhlu lwamaciko abevela emagameni abezonandisa kanye nezikhathi abezonandisa ngazo nokho igama likaNaledi aliveli kulolu hlu.