Izindaba

UMPHATHISWA WEZOKUTHUTHA E-KZN USEVINJWE UKUHAMBELA UMNGCWABO OSENKANDLA

IHHOVISI lezokuxhumana emnyangweni wezokuthutha esifundazweni sakwaZulu selikhiphe isimemezelo ngokuvinjwa kukangqongqoshe walo mnyango, uMnuz. Sboniso Duma ukuhambela inkozo yomngcwabo wabashona engozini yemoto eNkandla. Isitatimende esiphelele esikhishwe ilo mnyango sisifake ngezansi njengoba sinjalo, asishintshanga lutho:

“Inkosi Mhlabunzima Maphumulo House: Namhlanje usuku olunzima emndenini eshiwe ngoMama, oSisi, oAunti kanye noGogo babo eNkandla engozini yetekisi.

Kusukela kwenzeke lengozi enyantisa igazi, uNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa Kwabantu uSiboniso Duma kanye nezisebenzi zominyango bebelokhu beseduzane nemindeni.

uNgqongqoshe uyivakashele yonke imindeni ukuyiduduza waphinde waxhumana nayo futhi kuhlelwa inkonzo yomngcwabo nokufihlwa kwabathandiwe.

Kuyadabukisa kakhulu ukuthi namhlanje uMnyango ngeke ube yingxenye yoMngcwabo ngenxa yezingqinamba ezilandelayo.

  1. Imindeni iveze ukuthi bayalelwe ngolibamba likaMeya KaMasipala eNkandla uKhansela NFJ Nzuza ukuthi bangalibhadi enkonzweni enkulu yomngcwabo kodwa bazifihlele bona emakhaya ngabodwana.
  2. UMphakathi nawo uyalelwe ukuthi ungalibhadi enkozweni ehleliwe.

Kungokokuqala emlandweni ukuthi uMnyango ubhekane nesimo esinjena.

Yize umnyango uyixhasile imindeni ukuze ifihle kahle, ukuze abathandiwe bafihlwe ngesizotha ngaphandle komsindo, uMnyango uqoke ukubeka inhlonipho phambili utshengise ukuzotha.

Lena yimiyalelo kaNgqongqoshe uSiboniso Duma ophukelwe ngumoya ngenxa yalomyalelo othi imindeni nomphakathi bangabi yingxenye yenkonzo ebihleliwe.

Ngenkulu inhlonipho, sifisa ukuxolisa emindenini, emphakathi kanye nabefundisi nabazalwane abebelokhu bethandazela imindeni.

Singumnyango sigwema ukunqakisana ngamazwi ngoba imindeni ihlezi emanzini.

uNgqongqoshe udlulise amazwi enduduzo awacaphuma ebhayibhelini:-

●KwabaseKorinte 1:3-4

Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu. UYise wobubele, UNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, nolunjani ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu.

Iyaphela

Ikhishwe nguMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu

Ndabezinhle Sibiya | 082 375 4742 | Okhulumela uNggqongqoshe”

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.