EZISEMATHENIIzindaba

IZAZI ZESIKO ZICHITHA ISILO NGOLWESEHLUKANISO

IZAZI zamasiko sezichithe isenzo seSilo SamaZulu, uMisuzulu KaZwelithini sokufaka enkantolo amaphepha okuhlukanisa nomunye wamakhosikazi esingeke silidalule igama lakhe. Emaphepheni afakwe ISilo enkantolo kuvela ukuthi uthembise ukunika lona wesifazane amfakela isehlukaniso imali engu-R20 000 njalo ngenyanga isikhathi esiwunyaka. Lokhu kuzoqala ngosuku inkantolo ezonquma ngalo ngodaba lwesehlukaniso.

Nokho izazi zamasiko seziphawulile ngokuziphatha kwaso ISilo SamaZulu. UDkt. Gugu Mazibuko owase-University of Johanessburg uthe akukho okuvumela ukufaka isehlukaniso esikweni lesiZulu. Nakuba ekuvezile ukuthi liya ngokwanda izinga lokufaka izehlukaniso kubantu abangamaZulu ezweni.

Uthe ngokwesintu imindeni yomibili okamkhwenyana nokamakoti iye ihlangane ixoxe, iqhamuke nesixazululo. Ngokuchaza kwakhe uthe lokhu kunika izingane isiqiniseko sokuthi zizokhula emndenini onempilo futhi ongenazinxushunxushu.

“KumaZulu yayingekho indaba yesehlukaniso, uma usumshadile unkosikazi uyamthatha. Uma engaziphathi kahle, awumxoshi futhi awuhlukanisi naye kodwa kuba nezingxoxo emindenini yomibili kuhlanganisa abakhongi. Uma udaba lungaxazululeki unkosikazi uyaqhubeka ahlale ekhaya nezingane, inhloso yalokho ukuvikela izingane ukuze zikhule zinekhaya elinothile.

Esinye isazi sesiko uSolwazi Musa Xulu uthe ukholwa ukuthi ISilo uMisuzulu usadinga ukuthola abeluleki abakahle ngoba ukufaka isehlukaniso kusazodala izinkinga uma sekumele kungene ISilo esilandelayo. USol. Xulu uthe mfana wokuqala okulomshado esiwuqedayo ngeke liphele ilungelo lakhe lokuba Izinyane leSilo.

Uthe nakho ukuthi ISilo sashada umshado wesilungu esikhundleni sowesintu nakho kukodwa kudala izinkinga ngoba kwenza kungabi lula ukuthi amalungu omndeni waseNdlunkulu angenelele ezindabeni zaso zomshado.

USol. Xulu uqhubeke wathi kunenkolelo yokuthi ISilo sisazothatha omunye unkosikazi. “Umshado lona ISilo esiwuqedayo awuphelelanga; ngoba kunemicilikisho yesintu engenziwanga. Kufana nomshado okubhalwa kuwo emnyangweni wezasekhaya kuba nzima ukuthi imindeni ingenelele ngoba isuke ingazange ifakwe kusuka ekuqaleni ngaphandle uma kube nezingxoxo zamalobolo.

Echaza uSol. Xulu uthe umshadweni ojwayelekile, esizweni samaZulu nakuzo zonke izizwe zase-Afrika usuku lomshado lwaziwa iwo wonke umuntu kodwa lokho akwenzekanga kulesi Silo SamaZulu.

Emaphepheni afakwe ISilo SamaZulu enkantolo kuvele ukuthi umshado waso nonkosikazi esimchithayo unezinkinga eziningi ezingeke zisalungiseka. “Sesibe nezinkinga amahlandla amaningi emshadweni waso futhi yonke imizamo yokuzixazulula ihlulekile”, kubhalwe emaphepheni asenkantolo. Kwenzeka konke lokhu nje kuyaziwa ukuthi ISilo sizogcagca maduze nonkosikazi uMaMyeni.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.