ImibonoIzindaba

UKHOZI FM LUNEMBILE NGABASAKAZI ABASIFAKE KU-2025

NAKUBA kungelula ukugculisa bonke abantu kodwa kungaba umuntu ozenza ongaboni kuphela ongathi Ukhozi FM alwenzanga kahle ekuphatheni umncintiswano wengoma ehlukanisa unyaka kulokhu. Kusuka mhla izikhulu zalo msakazo zimemezela ukuthi hlobo luni lwengoma okufanele iphakanyiswe abalaleli kuya ekuchazeni ukuthi uhlelo lonke luzohamba kanjani kuze kufike kulona ihora lesiphambano singathi konke kuhambe kahle.

Sekuwumlando ukuthi ingoma eziqwaqwade zonke emakhanda kweziyishumi (Top 10) ebezifakwe abalalaleli ngethi Gucci kaMthandeni SK no MaWhoo.

Abasakazi abebenza uhlelo kusukela ngehora lesishiyagalolunye (21:00) ebusuku kwaze kwashaya elokuqala (01:00) ekuseni, u-Selbyonce Mkhize no MaFresh nabo balenzile iqiniso ngokunika abalaleli uhlelo olusezingeni eliphezulu. Ukuzimisela nomfuthu wabo kwenze ukulalela Ukhozi FM kwanomuzwa ovuselelayo ngekusasa lalo msakazo.

Ngaphambi kokuthi labasakazi benze lolu hlelo lokuhlukanisa unyaka bake banikwa uhlelo olungena phakathi kwehora leshumi nambili (12:00) emini kuya kwelesithathu (15:00) ntambama ngoMsombuluko, nokuyilapho abazibonise khona ukuthi bengenza lukhulu ndawonye uma benganikwa ithuba.

Siselapho sifisa ukushayela ihlombe umdidiyeli wezinhlelo obambile kulo msakazo, uMandla Mdletshe; okokuqala ngokufaka igazi elisha ukwenza uhlelo olukhulu kangaka lokuhlukanisa unyaka, okwesibili, ngokuqonda kahle uhlobo lwabasakazi nezinhlelo abangazenza njengoba Ukhozi FM beluqhuba uhlelo lwalo lwaminyaka yonke oluthi Siyayijika Lento. Ngicabanga ukuthi uma bonke laba abafake izicelo zokuqhoqhobala lesi sikhundla bebezinikile izikhathi sokulalela lezi zinhlelo ubuzoba lula umsebenzi wabo uma sekwenziwa izinguquko ezinhlelweni nabasakazi ngoMbasa nonyaka.

Angingabazi ukuthi u-Selbyonce no MaFresh uma benganikwa ithuba lokuba ndawonye futhi uma sekwenziwa izinguquko bengazinyusa kakhulu izibalo zabalaleli futhi belushukumise uhlelo lwansukuzonke emini.

Luhambe kanje uhlu lokuvotelwa kwezingoma eziyishumi (Top 10) ebezincintisana kuKhozi FM:

10. Malini – Uthunyelwe abadala, 5229 amavoti

9. Allen – Unobuhle, 6315 amavoti

8. Zintle Kwaaiman – Sabela, 15 683 amavoti

7. Woodblock DJs – Skuta baba, 18 000 amavoti

6. Thokozani Langa – Thokoza, 48 269 amavoti

5. Andile KaMajola – Liphakanyisiwe, 69 540 amavoti

4. Black Major – Sdakiwe sbali, 134 539 amavoti

3. Malungelo – Uyavela, 144 071 amavoti

2. Mjolisi – My Dululu, 574 290 amavoti

1. Mthandeni SK – Gucci, 976 000 amavoti

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.