EZISEMATHENIIzindaba

UBOSHIWE UMFANA (21) OHLINZE UYISE NGOMMESE WAFA BEZIJABULISA

UZOBHEKANA nengalo yomthetho umfana oneminyaka engamashumi amabili nanye (21) wase-Winburg e-Free State emuva kokuhlinza ngommese ubaba wakhe oneminyaka engamashumi amane nambili (42) ngosuku lokuqala enyakeni ka-2025. Lesi sigameko kuthiwa senzeke ngabo-11:00 ekuseni endaweni yokucima ukoma engasekhaya labo laba emuva kwengxabano ebe phakathi kwabo.

“Isisulu esingubaba womsolwa sibe sesiphuthunyiswa esibhedlela sendawo ukuze sithole ukwelashwa njengoba besigwazeke kabi entayeni. Nokho emuva kwesikhashana singenile esibhedlela kubikwe ukuthi sesishonile”, kusho iphoyisa, u-Sergeant Mahlomola Kareli.

Abasebenzi basesibhedlela bazise amaphoyisa kwabe sekuvulwa icala lokubulala.

U-Kareli uthe kwenziwe uphenyo lwesikhashana nokuthe emuva kwalokho amaphoyisa aqala ukuthungatha umsolwa, notholwe emuva kwesikhashana wafakwa ezikhindini. Uzovela enkantolo i-Winburg Magistrate Court maduze.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.