EZEMIDLALOIzindaba

OWAYELIBAMBA KU-PIRATES USEFANISE UMOFOKENG NOMQOMBOTHI

AKUNGATSHAZWA ukuthi kube unyaka angasoze wawulibala lona empilweni yakhe umdlali we-Orlando Pirates osemncane, uRelebohile Mofokeng. Lo mdlali oyibamba esiswini kwezimnyama ugila izimanga enkundleni uma ephethe ibhola nosekumdonsele amehlo emaqenjini amakhulu phesheya kwezilwandle.

Owayengumdlali we-Pirates, u-Bashin Mahlangu usefanise uMofokeng nabadlali abafana no-Lionel Messi, Neymar Jr kanye nogijima ku-Barcelona uLamine Yamal.

UMofokeng oneminyaka engamashumi amabili (20) ukhushulelwe esikwatini esikhulu seqembu lakhe nge-season ka-2022/2023.

“URelebohile unswempu kakhulu, ithalente elinje alivamile. Anginendaba ukuthi abantu bathini, engikwaziyo ukuthi lomfana uhlukile. Uma umuntu edlala kahle kanje kufanele simncome”, kusho uMahlangu.

“Sesikhalaze kaningi ngokuthi elakuleli liyehluleka ukukhiqiza abadlali abaphezulu, kodwa manje abafana abanjengaye bayavela kodwa sifuna ukusebenzisa umona. Ikusasa lebhola lakuleli liqhakazile, futhi leli qoqo labadlali alikabi sesigabeni lokuya phesheya. Okuhle ukuthi iminyaka abakuyo mihle.

“Muva nje useqale umkhuba wokudlala ashoshele emuva avale amabhola. Uyalikhuphula ifulegi lakuleli”, kusho yena.

Emidlalweni engamashumi (20) amabili ye-Betway Premiership useshaye amagoli ayisihlanu (5), wasiza ukushaya amagoli ayisishiyagalolunye (9). Leli zinga lakhe lokudlala seliholele ekutheni iqembu laphesheya i-FC Barcelona lazwakalisa ukuthi lingathanda ajoyine iqembu lalo elincane. Nokho owangumdlali weBafana Bafana, u-Benni McCarthy useluleke uMofokeng ukuthi angavumi ukujoyina i-FC Barcelona koswa ajoyine iqembu elidlala ku-Spanish La Liga i-Athletic Bilbao.

Ngonyaka odlule uMofokeng ozalwe e-Sharpeville uke wamataniswa neqembu elidlala ku-Scottish Premier League, i-Rangers nelase-Australia, i-FC Red Bull Salzburg. Uthola ukupholishwa kahle umqeqeshi okholelwa kakhulu kuyena u-Jose Riveiro nokuholele ekutheni kulo nyaka azuze umklomelo we-PSL Young Player of the Year kanti usize i-Orlando Pirates ukunqoba izindebe i-MTN8 ne-Nedbank Cup kule-season ka-2024/2025.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.