UKHOZI FM LUZOYIDLALA NGEHORA LABATHAKATHI INGOMA EHLUKANISA UNYAKA
SEKULELE kubalaleli boKhozi FM ukuthi bavote kanjani ngengoma ezohlukanisa unyaka emsakazweni wesiZulu, Ukhozi FM. Ukuvotela ingoma ehlukanisa unyaka kuyavala namuhla [ngoLwesibili] ngehora leshumi nambili emini (12:00).
Kuyaziwa ukuthi emakhaya amaningi, ezimotweni emgwaqeni nakomakhalekhukhwini abantu abaningi bazovulela Ukhozi FM ukuzwa ukuthi ngabe iyiphi ingoma ezodla emhlanganiso ngehora labathakathi (phakathi kwamabili – 00:00) uma sekuhlukana unyaka ka-2024 no 2025.
NgoLwezi nonyaka Ukhozi FM lumemezele ukuthi abalaleli bazovotela ingoma eqale ukudlala kulo msakazo ngomhlaka-1 Masingana 2024 kuya kumhlaka-31 Mfumfu 2024. Le ngoma kumele kube evelayo ohlwini lwezingoma zalo msakazo futhi ike yadlalwa abasakazi ezinhlelweni zalo msakazo.
Ukuvotela ingoma ehlukanisa unyaka kuqale ngomhlaka-15 Lwezi 2024 njengoba kuzoze kuvalwe namuhla. Nazi izingoma eziyishumi ezikwaze ukungena ohlwini lwezingoma eziyishumi (Top 10) Okhozini; Woodblock DJS – Skuta Baba, Thokozani Langa – Thokoza, Mthandeni SK noMaWhoo – Gucci, Allen noMaster KG, Big Zulu noCharlotte Lyf – Unobuhle, Malungelo noRethabile Khumalo, Nokwazi noDJ Ale – Uyavela, Malini – Uthunyelwe Abadala, Mjolisi noMnqobi Yazo – My Dululu, Blaq Major – Sdakiwe Sbali, Andile KaMajola – Liphakanyisiwe, Zintle Kwaaiman noMpumi kanye noTorque MuziQ – Sabela.
Obengumphathi woKhozi FM, uNks. uSbongi Ngcobo wakucacisa ukuthi isiteshi asiwabali amavoti, kodwa abalwa yinkampani yabacwaningi ezimele, bese iwayisa kubahloli bamabhuku bangaphakathi e-SABC ukuze bawaqinisekise. UNks. Ngcobo uphinde weluleka abalaleli ukuthi bengavoteli umculi abamthandayo kodwa bevotele ingoma emnandi. UNks. Ngcobo uphinde weluleka abalaleli ukuthi bevotele ingoma emnandi hhayi umculi abamthandayo.

Isithombe: Uhlu lwezingoma eziyishumi ezingene ku-Top 10 yoKhozi FM
Kulo nyaka kunemihlomulo emihle kubalaleli njengoba uhlelo lonke lwengoma ehlukanisa unyaka luxhaswe inkampani i-Black Mobile futhi ngokuvotela ingoma abayithandayo abalaleli bazozinqobela ingxenye ka-R250 000. Ingoma ehlukanise unyaka izonqoba unyanyavu lwemoto yakwa-VW.