USIZWE MDLALOSE UGONYULUKA NGOKUGILWA UNINA WENGANE YAKHE
USIZWE Mdlalose ongumphathi wezinhlelo aphinde abe ngumculi ongaphansi kwesitebele somculo i-Afrotainment useqophe ama-video lapho edalula indlela agilwa ngayo ngumama wengane yakhe yokuqala osekuphele iminyaka emnqabela ukuthi abone ingane yakhe. Kule-video uSizwe uthi lokhu kumphatha kabi ngoba ufuna ukuyondla ingane futhi athole nelungelo lokuyikhulisa njengobaba.
USizwe uthe uzowaqopha izingxenye ezintathu lama-video ukuze abantu bazi kahle ukuthi kuqhubekalani empilweni yakhe. Kwenye i-video uveze ukuthi sekunesikhathi eside ezama ukwenza okufanele mayelana nomntwana wakhe kangangokuba waze wahlawula walobola nengane kodwa wathola ukuthi umama wengane wahamba nayo akwaziwa ukuthi uhlalaphi.
Echaza uSizwe ube eseya enkantolo ngenhlso yokuvula icala ngoba efuna ukuthi akwazi ukondla ingane aphinde ayibone ayi ukuthi ayithathe izohlala naye. Uthi ngeshwa enkantolo akasizakalanga njengoba sekuphele iminyaka emithathu elungisa lolu daba.
Ubale izigameko ezibuhlungu okuhlanganisa kuzo ukunqatshelwa kwengane yakhe ukuthi iye emngcwabeni kamama wakhe, ukubizwa yingane yakhe ngesilwane esifuna ukuyintshontsha, ukuhlaselwa abantu ku-TikTok ngoba kuthiwa waphika ingane isencane kodwa babuye bathola ukuthi ngamanga lawo kanye nokuboshwa kukagogo nomkhulu wengane beboshiswa umawengane owathi akafuni lutho emhlanganisa nabo.
USizwe uveze ukuthi lolu daba lumhlukumeza kangangokuba useke wazama ngisho ukuzibulala kodwa usenqume ukungaphinde alukhulume ezinkundleni zokuxhumana kodwa uzoqhubeka nokulwela ukuthi athole umntwana wakhe. Ukhale ngokuthi kubuhlungu ukuthi inkantolo nomphakathi ucindezele abantu besilisa noma bezama ukuba yingxenye yezimpilo zezingane zabo ngoba kulula ukugxeka umuntu wesilisa ongenzi kahle.
Uveze ukuthi isikhalo sakhe esikhulu ukuthi ingane ikhulele ekhaya elifudumele kugogo nomkhulu ukuze umama nobaba wengane bakwazi ukuyibona mabefuna.
Ukhuluma kanjena nje uSizwe ngaboMfumfu nonyaka uke watshela i-TimesLIVE ukuthi uthokozile ngokuthola omunye umntwana nesithandwa sakhe uPhilasande.