UJABULE NGOKUBUYELA KU-SKEEM SAAM U- ‘NIMROD’
EMUVA kokunyamalala iminyaka emithathu useyabonakala futhi emdlalweni waku-SABC1, i-Skeem Saam, uBuhle Maseko odlala indawo ka-Nimrod Kunutu. UNimrod uvakashele umndeni wakhe kulo mdlalo njengoba kuyisikhathi samaholidi.
“Ngigcine ukubonakala kulo mdlalo eminyakeni emithathu edlule, ngakho ukushaya ibuya kuwon kuyangithokozisa. Ngizizwa sengathi ngibuyele ekhaya langempela. Ubuso engibejwayele, njengoNtate Charles odlalwa uMasilo Magoro, Meneer Magongwa odlalwa uPutla Sehlapelo nabanye asebebe kulo mdlalo isikhathi eside.
Utshele i-Daily Sun ukuthi kumjabulise nokubona ukuso obusha. “Abanye abadlali engibabonile basha, lokho kuchaza ukuthi kunezinto ezintsha ezenziwayo nemihlaba emisha. Kunonise ukukhula nenqubekela phambili ye-Skeem Saam. U-Pretty (Lerato Merabe) usengumphathi wamabhizinisi. Ukukhula lokho futhi kuhle ukukubona. Ngigcina ukuba laphana abadlali bakhona babese-varsity. Manje sebengabantu bezinto zabo”, kusho yena.
UBuhle ophinde abonakale emdlalweni okuMzansi Magic, i-Champions udalule izinhlelo zakhe zika-2025. “Into enkulu engiyenzayo njengamanje umculo. Kuba matasa kakhulu ngesikhathi samaholidi. Ngibheke ukukhipha umculo omusha ngo-2025 futhi ngizobuyela esikoleni ngifundele umculo. okunye engithemba ukuthi ngizokwazi ukukwenza yikho ukuqhubeka nokulingisa. Ngingakuthokozela ukuqhubeka nokuvela kumabonakude”, kusho uBuhle.
Uthe unyaka ka-2025 kuyena usho ukuzikhulisa yena nokunaka umculo.