KUGWETSHWE OWASEMOZAMBIQUE NGOKUSHUSHUMBISA IZINGANE EZINGU-14 KULELI
INDODA yaseMozambique ebizwa ngo Moise Armando Mate igwetshwe izinyanga eziyisithupha inkantolo iKomatiport Magistrate Court ngoLwesihlanu ngokushushumbisa izingane zamantombazane eziyishumi nane (14). Inkantolo ikhiphe lesi sigwebo yase iyinika ithuba lokukhokha inhlawulo yemali engu-R6000 ukuze ingatholozi ejele futhi isigwebo sayo silengiselwe iminyaka emithathu (3) ukuthi ingatholakali yenze icala elifanayo, ingatholakali isiza ngokungekho emthethweni omunye umuntu ukuthi angene, ahlale noma aphume eNingizimu Afrika.
Le ndoda eboshwe mhlaka-6 Zibandlela 2024 ibanjwe ishushumbisa izingane zamantombazane eziphakathi kweminyaka emine (4) neshumi nesithupha (16) ebiphuma nazo eMozambique izozifaka kuleli.
Kuthiwa abasebenzi be-Boarder Management Authority (BMA) basole okuthile ngemoto eyi-minibus ebihamba ku-N4 bayimisa kanti ilayishe izingane zamantombazane ezincane ezingu-14. UMate nezingane abezilayishe emotweni yakhe bayise esiteshini samaphoyisa iKomatiport Police Station, kwabe sekuvulwa icala lokushushumbisa abantu. Izingane ziyiswe kwabomnyango wezenhlalakahle ukuze zihlolwe zase zibuyiselwa ezweni ezidabuka kulo.
Icala likaMate libe selidluliselwa kuma-Hawks ukuze kuqhubeke uphenyo olunzulu. Libe selingena enkantolo mhlaka-27 Zibandlela nalapho uMate elivumile khona icala, ayibange isachitha sikhathi inkantolo yabe isimgweba ngecala abebekwe lona.