SITHOLAKELE ISIDUMBU SENGANE (3) ETHUNJWE YABULAWA UYISE
SIGCINE sitholakele isidumbu sengane eneminyaka emithathu (3) ethunjwe yabulawa usingababa (stepfather) wayo qede wayilahla emasimini omoba oThongathi ngaphandle kwaseThekwini. Umsolwa obesetholwe amaphoyisa emuva kokucasha, uwayalele lapho abethukuse khona isidumbu sengane.
Kusolwa ukuthi uphinde washaya kanzima umfanyana oneminyaka eyisikhombisa (7) olanywa ilo ambulele.
Isidumbu somfana oneminyaka engu-3 sitholwe epulazini elingase-Esenembe ngabo-14:08 ngoLwesine khona oThongathi. Kudingeke ukuthi amaphoyisa e-SAPS oThongathi acele usizo kwinkampani yonogada i-Reaction Unit of South Africa (RUSA) ukuze kubhekwe ingane ezimobeni ngendiza enophephela emhlane. Kuphinde kwesetshenziswa indiza yakwa Badul Air ngenhloso yokuqinisa umkhankaso wokubheka ingane.
Ngesikhathi kuphunywe inqina kubhekwa bekusetshenziswa izinja eziqeqeshwe ngezinga eliphezulu zamaphoyisa nezakwa-RUSA. Ukubhekwa kwengane kuqale emuva kokuba kutholakale umfana oneminyaka engu-7 ehamba emgwaqeni oyibhuqu. Lo mfana utholwe umshayeli obezihambela ngemoto yakhe wabona lo mfana obeshawe kanzima elimele nasebusweni. Umfana ube eselandisa umshayeli ukuthi ushawe usingababa wakhe, wase emlahla osebeni lomfula ezitshela ukuthi ufile ngoLwesine, mhlaka-26 Zibandlela.
Ukwazile ukuhamba aze afike emgwaqeni oyibhuqu lapho esizwe khona umuntu obezihambela ngemoto yakhe. Uthathiwe umfana wayiswa esikhungweni sezempilo ukuze athole ukwelashwa. emuva kwalokho kube sekuqala ukubhekwa kwengane eneminyaka engu-3.
Ngaphambi kokuthi itholakale ingane kubonakale izingubo zayo kanye nebhodlela ephuziswa ngalo kulahlwe esitubhini somoba. Kube sekuqhubeka ukubheka.
Usingababa walezi zingane utholwe elinye iphoyisa elisole okuthile ngaye esecashe eMona ambopha amgcina esiteshini saseMhlali. Kuzwakele ukuthi ugcine eMhlali wabe eselandwa futhi waphoqwa ukuthi akhombe lapho alahle khona ingane. Nebala uwakhombisile amaphoyisa lapho abefihle khona ingane.
Ngokusho kwabamaziyo kuthiwa njengoba esehlala oThongathi, ubalekile kubo e-Eastern Cape weza KwaZulu-Natali emuva kokubulala enye ingane nomama wayo.