IGCINE IFILE INDODA ENGQONGQISWE NGOMLILO OBEYINTOMBI YAYO
IZINHLUNGU zokusha kanzima zigcine ziyibulele indoda engqongqiswe ngomlilo obeyintombi yayo emuva kwengxabano ababe nayo. Ngokuthola koMKHAYA le ndoda ibizijabulela nabangani bayo endaweni yokuzijuxuza esePhalaborwa, eLimpopo ngesikhathi kutheleka obeyintombi yayo owaziwa ngelikaPhumzile.
Kuthiwa uPhumzile odabuka eNamakgale uqonde ngqo kule ndoda wakhuluma nayo eyithethisa, kwase kusuka umsindo omkhulu phakathi kwabo bobabili. Abangani bakamufi bamcele ukuthi avele agoduke ukuze kugwemeke umsindo endaweni enabantu abaningi.
Kuthiwa ngesikhathi umufi eya ekhaya obeyintombi yakhe umlandelile, kwathi sebesendlini wambhunyela ngo-petrol, wamshisa ngomlilo ephila. Ube esezibhunyela naye wazishisa. Omakhelwane bazwile ukuthi konakele babe sebebaphuthumisa esibhedlela. Indoda okugcine kutholakale ukuthi ingu-Pardon Mavimbela ibishe kanzima kangangokuthi izinhlungu zigcine ziyibulele.
Lona obeyintombi ulwela impilo yakhe naye egunjini lezimo ezibucayi esibhedlela.
Kuvele ukuthi kwenzeka konke lokhu nje lona wesifazane obengasathandani nale ndoda ubesenikwe inqwaba yezincwadi eziyisivimbelo sokuhlangana nayo indoda ngoba yonke indawo lapho abeyifica khona ubeyihlukumeza ngokuyimemeza, ayihlambalaze.