U-PROFFESOR UTHI KUPHELILE NGAYE EMCULWENI
NAKUBA engomunye wabaculi abahamba phambili eNingizimu Afrika, uMkhonzeni ‘Proffesor’ Langa usezwakalise ukuthi isikhathi sakhe emculweni sesiphelile. U-Proffesor ugqame kakhulu emculweni wakuleli emuva kokukhipha ngokuhlangayela noThokozani ‘Tzozo’ Zulu ingoma ethi Woze Durban.
Emuva kwalokho ube esekhipha izingoma ezishise izikhotha ehamba yedwa ezifana nethi Jezebel, Imoto nethi Lento.
Abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana sebebhale kaningi ukuthi izikhathi zamaholidi kakhisimuzi noncibijane azisemnandi njengaphambilini kusabusa yena u-Proffesor nabanye abaculi abaduma eminyakeni edlule.
“Ngikholwa ukuthi umculo uyakhula futhi kuzohlale kunento entsha njalo. Sibe nesikhathi esimnandi futhi kumele abantu bakuqonde ukuthi ngeke sihlale sihambela phezulu njalo, kodwa kufanele sinike abanye ithuba”, kusho yena.
Lo mculi oneminyaka engamashumi amane nanhlanu (45) ulungiselela ukukhipha i-EP enezingoma eziyisishiyagalombili (8) ayiqambe ngokuthi Mkhonzeni.
Kule-EP azoyikhipha ngoMasingana 2025 uhlanganise ezinye izingoma enabanye abaculi abehlukene.
Uthe ukwazi ukuthi abantu abaningi basawuthanda umculo wakhe kuyamgqugquzela ukuthi enze ezinye izingoma. “Ngithokozile ukuthi ngisaphila nokwazi ukuthi abantu basawuthanda umculo wami. Kunomsebenzi omusha engiphezu kwawo kodwa anginayo ingcindezi yokukhipha inqwaba yezingoma njengakuqala”, kusho u-Proffesor.
Uthe manje sekuyisikhathi sokunika amanye amaciko enza kahle ithuba. “Kufanele sibanike ithuba ngoba sekuyisikhathi sabo. Ngeke kuhlale njalo kungathi endimeni yomculo”, kuphetha yena.
Umthombo: Daily Sun