Izindaba

UMPHAKATHI UXOXE KANZIMA NENDODA EDLWENGULE INDODAKAZI YAYO ENA-14

UMPHAKATHI waseZwelisha, eMpumalanga uxoxe kanzima nowesilisa waseZimbabwe oneminyaka engamashumi amane nantathu (43) ubudala kokuvela kwezindaba zokuthi ubedlwengula ephindelela indodakazi yakhe eneminyaka eyishumi nane (14) ngoLwesine.

Kuthiwa unina walengane emuva kokuzwa ngalokhu ube eseqonda kubaba wayo wampheka ngemibuzo mayelana nesenzo sakhe. Kuthiwa ngesikhathi exoxa naye ubememeza nokwenze kwasondela abantu abayela emashumini ayisithupha (60).

Umama wengane ubatshelile labantu ukuthi uyibuzile ingane ukuthi ngabe kuhamba kahle konke yini ngesikhathi ebona ushintsho endleleni eziphethe ngayo. Ibe isimtshela unina ukuthi ubaba wayo ulala nayo futhi lokhu usekwenze kusukela ineminyaka eyisithupha (6).

Ngokuchaza kwayo ithe yonke leminyaka ubaba waya ubevele abe nqubu phambi kwayo bese eyikhothisa isitho sakhe sangasese. Lo mama osewahlukana nobaba wale ngane ucele umphakathi uke uthi ukuxoxa naye. Kanti wona awuchithanga sikhathi uqonde ngqo lapho ihlala khona le ndoda ebisihambile bafike baxoxa nayo kanzima nokuyilapho ezivumele khona impela isiyiqedile ngane ingane yayo.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.