UNDABAMLONYENI WONYAKA: UXOVE IMPILO YOSAZIWAYO YEZOTHANDO ULEBO KESWA
ULEBO Keswa oqale ukuduma kwabezindaba emuva kokushada nobengumlingisi we-Generations: The Legacy, uLatoya Makhene, ube sezindabeni kakhulu kulo nyaka ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi kunodweshu phakathi kwakhe noLatoya. Emuva kwesiphihli somshado wabo laba owawungo-2020 izinto zishintshile, kwaba ingxabano emuva kwenye.
Phakathi kwezinye zezinto ezavezwa uLebo ngoLetoya ekhuluma kwi-podcast kaLungelo KM ethi Engineer Your Life wathi yize ubemthanda uLetoya kodwa izinto abezenza bezingabekezeleleki. Ngokusho kwakhe [uLebo], uLatoya ubephila ngokulala namadoda aseNigeria ukuze amnike izidakamizwa. “Kangangokuthi sake sathi sikwenye indawo yokuzijuxuza eGoli ngambamba nomunye wesilisa benza ucansi endlini yangasese”, kusho uLebo. Uthi kwathi uma embuza ngalokho uLatoya wathi lona wesilisa ubemdlwengula.
Kuningi akushilo uLebo ngoLatoya okuhlanganisa nomsebenzi wakhe wobunyanga. “Ubengivusa nasezinzulwini zobusuku athi angishaye isigubhu, lapho ngazini mina ngokushaya izigubhu..”, kusho uLebo.
Nokho uLatoya ekhuluma nabezindaba wathi ngeke aziphendule izinto ezishiwo uLebo ngaye. Ubuye wamsola ngokusebenzisa umuntu owayethwasa kuye [uLatoya] ngenhloso yokumhlambalaza.
Kuzokhumbuleka ukuthi kuke kwavela umlisa mumbe ohlelweni oludlala kuMoja Love, oluthi Fake Gobela obekhala ngokudliwa kwemali yakhe uLatoya yize egcine engakwazanga ukuphothula ukuthwasela ubungoma. Lona wesilisa wayefuna uLatoya ambuyisele ingxenye yemali ayemkhokhele yona.
Umshado walaba ugcine uphelile. Emuva kwalokho uLebo ubezwakala kuma-podcast amaningi eshiya angalazi ngoLatoya. Kubacikile kakhulu abantu ezinkundleni zokuxhumana ukuziphatha kukaLebo, abanye baze bambiza nge “Bitter Ex“.
Kuthe kusenjalo kwezwakala ukuthi uLebo usengene wagamanxa ezindabeni zomshado womlingisi odumile, u-Sello Maake KaNcube nomakoti wakhe u-Pearl Mbewe ongusomabhizinisi.
Kuzokhumbuleka ukuthi labashadikazi bebebambisene kwezebhizinisi njengoba u-Pearl enenkampani, i-Wisdom Mobile PR ebiphethe izindaba zomyeni wakhe njengosaziwayo. Ngokuthola koMKHAYA, u-Pearl ubebuye asebenzisane noLebo eceleni. Kulokho kusebenzisana kusolwa ukuthi kube sekuqubuka inhlansi yothando kulaba, nokuyinto abeyibona uSello njengoba eze wabhalela umkakhe umyalezo emphoqa ukuthi ayeke ukusebenzisana noLebo noma kuphume yena [uSello] ngaphansi kwenkampani yomkakhe.
U-Pearl ukhombise uLebo lowo myalezo, kwasuka ukushisa.
Wenze adume ngakho uLebo etshela abezindaba ukuthi vele uSello uyamhlukumeza umkakhe, uphila ngokumshaya. Uphikile futhi ukuthi uthandana nomkakhe kodwa wathi usebenzisana naye ngokwebhizinisi. Uthe uzokwenza konke ukuvikela u-Pearl ekuhlukunyezweni uSello, njengoba kuyinto ayenzayo nakwabanye.
“Angilali nomkakho”, kusho uLebo ku-X ebhekise kuSello. “@sellomkn, unesibindi sokuza ekhaya namaphoyisa utshele umphathi wendawo engihlala kuyona ukuthi uzonginika incwadi yesivimbelo. Angazi nokuthi uhlala kuphi mina futhi angikaze ngikuhluphe ngalutho. Futs*k Ms*nu”, kusho uLebo.
“Isivimbelo sokungazethembi kwakho ngoba ucabanga ukuthi ngilala umkakho. Shuthi isivimbelo sesitho sangasese somkakho”, kusho yena.
Kule ngxabano ebiqhubeka phakathi kukaSello nomkakhe, u-Pearl kuvele izinto ezishaqisayo. Phakathi kokunye okuvelile ngesikhathi u-Pearl ekhuluma nabezindaba ukuthi uSello wahluleka ukumthelela ngegciwane lengculazi, nokuyinto athi u-Pearl iyona ecasula [uSello].
Muva nje u-Pearl noLebo bayiziphaphalazi ezithandanayo. Sebebonakale kaningi bendawonye futhi kukhomba ukuthi bathokozile ngobudlelwano babo.

Isithombe: Umbhalo ohambisana nesithombe osanda kufakwa u-Pearl Mbewe ekhasini lakhe lika-Facebook.
ULebo ujoyine inqwaba yosaziwayo abasungule ama-podcast njengoba naye eqale eyakhe ayibiza ngokuthi My Journey Podcast, athe kuyo uzodedela amabhomu ngabethandana naye uLatoya.