ABANTUEZIKHETHEKILEIzindaba

ISIBINDI SIKA PHUMLANI GUMEDE SIGQASHULE IMIGOQO EVIMBA AMAGWALA EMPILWENI

UMFANYANA omncane okhula endaweni yasemakhaya, ekhaya elidelelekile futhi kungekho okutheni okungakha ithemba ngekusasa kodwa impokophelo nesibindi kuyizo zombili izikhali zempumelelo. Ngalamazwi singachaza impilo kaPhumlani Gumede wasoHwebede, eMacambini ngaphansi kukamasipala waseMandeni. Okuqaphelekayo ngaye ukuthi akazenyezi ngesimo sakhe nesekhaya lakubo kunalokho usebenzisa khona ukuzigqamisa.

UPhumlani uyi-content creator, ngolimi lwasezinkundleni zokuxhumana. Uphenduke intandokazi kubantu kuTiktok naku-Facebook ngokufaka ama-video enogogo wakhe benza imidlalo ehlukene.

Abantu bayithande kakhulu i-content yakhe kangangokuthi sebeye bamfakele ngisho izimali futhi bethumele nezipho kuyena nogogo, ngenhloso yokumkhuthaza.

UMnguni uqale ukugqama ngekhono lokuqopha nokudlala imidlalo emifushane ye-drama abeyibiza ngokuthi i-Jombas. Kule midlalo ubenethimba lo ntanga yakhe abelingisa nalo, futhi enza imidlalo ehleze inesifundo esakhayo.

Engxoxweni abe nayo nomhleli woMKHAYA, uSphamandla Mthethwa uthe ufikelwe uthando lokulingisa esasikoleni samabanga aphansi futhi unesifiso sokuhamba ibanga elide kulo mkhakha. “Ngithe ngikhula bengivele ngikuthanda ukuba umlingisi kodwa ngenxa yokuswela izindawo zokuveza ikhono emakhaya ngabona ukuthi kufanele ngithole enye indlela yokuzakhela amathuba”, kusho uPhumlani. Utshele uMkhaya ukuthi ube eseqala ukwenza uchungechunge lwemidlalo ye-drama eyiqopha ngomakhalekhukhwini wakhe nawo ogcine ufile.

Njengamanje uPhumlani ungomunye wabantu abaqhamuka bejatshulelwe nomaphi lapho efika khona ngenxa yokubonisa uthando kugogo wakhe kanye nesineke sokudlala nentombi endala.

“Uthando enginalo ngogogo lwakhiwe ukuthi ngikhuliswe uyena futhi ngifuna ukukhombisa abantu ukuthi akusibo bonke abantu abahlukumeza ogogo nabantu besifazane. Lokhu kimina kuwukubabonga abantu besifazane njengoba ngikhuliswe ibona”, kusho uPhumlani.

Kuthe ezihlalele ekhaya kubo wavakashelwa umculi odumile kuleli u-Prince Kaybee ofike washiya izipho kugogo kanti baningi abanye osaziwayo nabantu abamkhuthazayo ngamazwi nangezipho uPhumlani.

Echaza uthe ukuhlala engenzi lutho wabona ukuthi akakusebenzisele ukuzidlalela nogogo wakhe kanti sekuzoba ithuba lakhe lokuthi angene ezinhlizweni zabantu.

Isithombe: UPhumlani nogogo wakhe bekhombisa amathikithi okungena emcimbini obumhlaka-24 Zibandlela oba minyaka yonke eMandeni, iMandeni Home Coming Picnic

Akagcini kuphela ngokuqopha imidlalo ye-drama nemidlalo enogogo wakhe kodwa ubuye enze izinkulumo ezakhayo. Muva nje uzwakala emisakazweni yomphakathi Icora FM kanye ne-Radio Khwezi lapho ethula zona izinkulumo ezakhayo. Ebuzwa UMKHAYA ukuthi angathini kubantu abasabayo ukuqala nokwenza izinto ezintsha empilweni uthe: “Uma usaba ukuqala into oyifunayo empilweni kukhona ozoqhamuka akuqashe ukuthi ufezekise iphupho lakhe [lelo okumele ngabe lifezwa uwena qobo]”, kusho uPhumlani.

Ubonge kakhulu abantu abaseka umsebenzi wakhe. “Uma ngingabala nje baningi kakhulu abantu abathanda umsebenzi wami abangesekayo ngezimali nangokunye; kukhona nje abanye abangithengele u-cement, abanye bathengela ugogo amaphinifa nokunye okuningi okuyizipho. Ngiyabonga kakhulu”, kusho yena.

Le nsizwa ezothile ayigcini nje kuphela ngokwamukela izipho kodwa nayo iyanikela ngokuncane enakho. Kuthe ezinyangeni ezedlule yanikela ngama-sanitary pads ezikoleni zangakubo ezimbili zamabanga aphakeme, iSikhuthele Secondary School eke yafunda kuso nayo kanye neMadlanga High School. UPhumlani uthe lokhu ukwenza ngoba uyazazi izinselelo ezibhekana namantombazane asemancane njengoba kuba nzima kwamanye ukuzithengela lezi zinto eziyizidingo kuwona.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.