Imibono

SIYABONGA KINI NONKE, NIBE NESIKHATHI ESIMNANDI, NIPHEPHE!

NJENGOBA sekuyilesi sikhathi sonyaka abantu abaningi bahlangene nemindeni yabo, kwenziwa imicimbi ehlukene yenjabulo. Abanye bavakashele izihlobo kanti abanye bazikhiphile ngenhloso yokuchitha isikhathi samaholidi ndawonye futhi baqophe izinkumbulo ezingasoze zalibaleka.

Ngiyafisa ukudlulisa lamazwi amafushane nje sesiphetha unyaka ka-2024 obe nezawo izivuvaba kanye nezehlo ezimbi.

Ake ngibonge kubo bonke abafundi beziko lethu UMKHAYA, abahlale befunda izindaba zethu futhi bephawula kukho konke esibhala ngakho. Iqhaza lenu lapha kuMKHAYA likhulu kakhulu. UMKHAYA umi ngani, niqhubeke nje nangomusa ukufunda izindaba zethu.

Ngiyabonga kakhulu kubafowethu abasibhalela izingosi, uMnuz. Sandile Khumalo obhala ethi Sikleza Kogwansile noMnuz. Bonisani Mahlinza obhala ethi Ingosi YabaNqobi. Umnikelo wenu mkhulu bafowethu lapha kuMKHAYA, sengathi ningaba nokhisimuzi omuhle nonyaka omusha onezibusiso.

Ngabe ngenza iphutha uma ngingabongi kubafowethu abangisizayo ngenkence nangokunye ukuze ngikwazi ukuqhuba ibhizinisi loMKHAYA. Ngabe ngenza iphutha elikhulu uma ngingabongi kuMnuz. Mdu Manzi kumasipala waseMandeni ngokuseka umsebenzi wethu. Sizoqhubeka nokusebenzisana kahle nophiko lwezokuxhumana kumasipala nangomuso.

Ngibonge umndeni wami, umama wekhaya nezingane ngokuseka umsebenzi woMKHAYA ngezindlela ezihlukene. Ebuhleni nasebubini ngohlala ngibathanda.

Njengeziko lezi ndaba kukhona esikuzamile ukuzama ukuthuthukisa umsebenzi wethu kodwa sakhawulwa izindiza kusebenza ezenza singakwazi ukufeza isifiso sethu. Ngiyafisa ukuthi abafundi bethu besazise uma kukhona okunye abangathanda sikwenze kanti izandla sizivulile futhi kwabasathanda ukubhala izingosi ezihlukene ezikweni.

Sengathi kulamaholidi ningaphepha nemindeni yenu, kuthi abazongena ezimotweni beshayele belandele imithetho yemigwaqo. Bafundi bethu siyacela ukuba ningashayeli niphuzile ukuze kugwemeke izingozi ezingenasidingo. Sisanidinga nangonyaka ozayo kanjalo neminye elandelayo.

Uma wena ube nonyaka omuhle siyakubongela kanti kuwena obe nonyaka ongemuhle, sithi kuwe akulahlwa mbeleko ngokufelwa. Kusengaphinde kube kuhle ngonyaka olandelayo. Akuyekwa ukuzama. Impilo isiphosela izinselelo eziningi, okwethu ukwamukela konke sibe siya phambili.

Njengoba sekuyisikhathi sokujabula, nami njengomhleli weziko ngizobe nginomndeni wami. Nakuba sekuyilesi sikhathi wonke umuntu eba matasa ngezinto eziningi, izindaba asizukuma ukuzibhala kodwa kuzoba noshintsho lapha nalaphaya. UMKHAYA uyaqhubeka nokubika izindaba ngesiZulu esiyiso, eziyiqiniso futhi ngobuqotho.

Nijabule nizibheke!

*Ungaxhumana nomhleli kuleli kheli le-email: editor.umkhaya@gmail.com noma ku-Whatsapp [0795239786]

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.