EZISEMATHENIIzindaba

OKWENZE UMANDLA MAGWAZA WACELA INDLELA OKHOZINI

IPHEPHANDABA elibhala ngesiZulu, Ilanga kuthe ngoLwesibili mhlaka-24 Zibandlela labika ukuthi usule isigubhukane emsakazweni Ukhozi FM uMandla ‘Njinji’ Magwaza obenza uhlelo olungena njalo ngoMgqibelo ngehora lesishumi nambili emini kuya kwelesithathu ntambama, Ukhozi FM Top 20.

Kuthiwa lezi zindaba zokusula kwakhe abanye ozakwabo bazizwe ngomphathi wezinhlelo obambile uMandla Mdletshe kwi-group ka-Whatsapp yabasakazi. UNjinji uke wenza uhlelo lokuhlukanisa unyaka kuphunywa ku-2023 kungenwa ku-2024 ebambisene noNonhlanhla ‘Mroza’ Buthelezi ngesikhathi ingoma eyahlukanisa unyaka kuba ekaKhuzani.

Umyalezo okuthiwa ubhalwe nguMdletshe uthi: “Sanibonani bozakwethu, ngicela ukunazisa ukuthi uzakwethu uMandla Magwaza wesulile emsebenzini. Simfisela okuhle kulokhu asazoqhubeka akwenze empilweni”.

Sekuyinsakavukela ukusula kwabantu kulo msakazo njengoba ezinyangeni ezedlule kusule obengumphathi wezinhlelo u-Pearl Maseko owakhala ngesikhulu ebesiphethe umsakazo ethi senza kubenzima ukusebenza. Emuva kwakhe kusule sona isikhulu abekhala ngaso, uSbongi Ngcobo. Ziningi ezinye izikhalo ezike zavela ngendlela abephethe engayo uSbongi kulo msakazo.

UMandla yena kubikwa ukuthi incwadi yokwesula uyifake ngoMsombuluko mhlaka-23 Zibandlela 2024 kanti isinqumo sakhe sithuse abaningi kwazise usebe yingxenye yalo msakazo iminyaka ecela eshumini.

UMandla uke wasebenza njenge-technical producer ezinhlelweni eziningi Okhozini okubalwa kuzo iVuka Mzansi Breakfast Show kanye nohlelo iJabulujule olwezniwa uDudu Khoza, ukubala ezinye izinhlelo aseke wazididiyela. Uphinde wazakhela udumo ngokwenza izikhangiso ngephimbo lakhe elibhodlayo. Usanda kuthola ithuba elingqayizivele lokwenza uhlelo lukamabonakude ebelibheka amathalente kumaciko afufusayo emculweni, uShuni Womhlaba abelwenza nomsakazi we-Metro FM, uMpumi Mlambo.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.