NGINIFISELA AMAHOLIDE AMAHLE NJENGANI BAFUNDI BALE NGOSI
UZibandlela isikhathi lapho iningi lethu elithatha khona ikhefu ezintweni eziningi esisuke sizenza nonyaka. Lesi isikhathi sokuthi sonke njengabantu abaphila emhlabeni sizijabulise sibungaze nabathandiweyo bethu.
Ngakho-ke, ngibone kukuhle ukuba ngifisele bonke abafundi nabathandi bale ngosi isikhathi samaholi amahle. Lesi isikhathi sokuba nidle izithelo zokusebenza kanzima kwenu kusukela unyaka uqala. Kulabo okungabahambelanga kahle ngithi nje ningadikibali kodwa zamani ukuthi niphinde nihlele kabusha indlela enizothola lokhu eningakwazanga ukufinyelela kukho.
Kubafundi bakamatikuletsheni khumbulani ukuthi imiphumela engemihle izobe ingasho ukuphela komhlaba kodwa izobe isho ukuthi kuzofanele niqale kabusha nizimisele ukuze ngizothola imiphumela emihle ngokuzayo.
Masikhumbule ukuthi yize noma lesi kuyisikhathi sokujabula, kubalulekile ukuba siziqaphele futhi siqinisekise ukuthi esikwenzayo kusemthethweni. Hhayi ngoba ngizama ukulawula indlela abantu abaziphatha ngayo, kodwa engizama ukukunxusa ukuba sikhumbule ukuthi uZibandlela izinsukwana nje, ngale kwalokho impilo iyaqhubeka.
Kwabashayelayo ngicela ukuba ningaphuzi bese nishayela nakulabo abahamba ngezinyawo, ngithi nje nihlale niphephile ikakhulukazi uma senidle amankwebevu
Nginifisela okuhle kodwa kula maholide. Sengathi konke okuyizifiso zenu kungaphumelela, iNkosi iphinde inisikelele size siphinde sihlangane futhi ngonyaka ozayo.
*Sandile Khumalo ungumbhali wezincwadi zesiNguni, intatheli ezimele futhi wenza izifundo zobuntatheli e-Wits University. Ungaxhumana naye kuleli kheli le-email elithi: sandile.khumalo@macmillaneducation.co.za