EZISEMATHENI

IPHOYISA LIDUBULE UMYENI WALO WAFA, LALIMAZA INGANE NALO LAZIDUBULA LAFA

AMAPHOYISA aphenya amacala amabili okubulala nelidodwa lokuzama ukubulala emuva kokuba iphoyisa lesifazane elineminyaka engamashumi amathathu nane (34) lidubule umyeni walo, lalimaza ingane yabo labe selizidubula nalo eKloppenheim, e-Onverwatch. Leli phoyisa lisebenza esiteshini saseLephalale eLimpopo.

Ngokusho kwamaphoyisa ilungu lawo libe nengxabano nomyeni walo oneminyaka engamashumi amathathu nane (34) okuthe emuva kwalokho lakhipha isibhamu somsebenzi lamdubula amahlandla ayisishiyagalolunye. Lesi sigameko senzeke ngabo-15:00 ntambama ngoLwesine.

Emuva kokudubula umyeni walo iphoyisa libe seliya eMokopane esigodini saseGa-Mokaba lapho kunomuzi wabo bobabili lawushisa waba umlotha. Liqede lapho lafonela amaphoyisa liwazisa ukuthi selenzeni, lathembisa nokuthi lizoziyisa lona kuwo. Nokho akubanga njalo njengoba lisuke lapho laya endaweni ebizwa ngokuthi kuseNellapius eMamelodi East ePitoli, lafike lalimaza kanzima indodakazi yalo nomyeni eneminyaka eyishumi nesikhombisa (17) ngaphambi kokuba lizidubule lona.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.